WILLEM PHUNGULA
INKAKHA yomculi kamaskandi uPhuzekhemisi uzokhipha incwadi ekhuluma ngokusuka nokuhlala ngempilo yakhe nomculo.
Lo mculi ogama langempela nguZibokwakhe Johnson Mnyandu uthi, le ncwadi ayihlela ngokubambisana nenyuvesi iFort Hare e-Eastern Cape nomakadebona kwezokusakaza uBhodloza Nzimande, izogeqa amagula ngempilo yakhe kusuka ekhula eMkhomazi kuze kube ungena emculweni.
Engxoxweni abenayo neSolezwe ngeSonto uPhuzekhemisi, uthe yizikhulu zenyuvesi ophikweni lwezomculo ezifike kuye zamcela ukuba abambisane nayo zibhale incwadi ngempilo yakhe kuhlanganisa nokungena emculweni kamaskanda emva kokuba ehlangane nazo eNew Orleans eMelika lapho ayemenywe khona ukuyocula. Uthe inyuvesi imtshele ukuthi ifuna noBhodloza alekelele ngoba wabamba iqhaza elikhulu ngesikhathi esewumsakazi ukuthuthukisa umculo kamaskanda.
Le ngwazi ithe ilijabulele kakhulu leli thuba ngoba iyafisa ukuthi umsebenzi wayo ungashabalali uma ingasekho emhlabeni, yathi seyilinde yona inyuvesi iphothule ukushicilelwa kwencwadi bese iyethulwa.
UPhuzekhemisi uthe uyacabanga ukuthi ngabe isiphothuliwe incwadi ukuba akuphazamisanga ubhubhane lweCovi-19 ngoba inyuvesi iqale ukuyisebenza ngo-2019. Kule ncwadi kulindeleke ukuba kuvele nesigigaba sokushona komfowabo kaPhuzekhemisi uKhethani ayecula naye, owashona engozini yemoto ngo-1993. Okunye athe ngeke kusale wukuhambela kwakhe amazwe aphesheya kwezilwandle njengoba aqopha umlando eba ngomunye wabaculi abavula imidlalo yeNdebe yeBhola loMhlaba eyabe ibanjelwe eJapan naseSouth Korea ngo-2002.
Le nkakha kamaskanda iqale ukuzihlanganisa nomculo ngo 1982 ngesikhathi ilekelela ngezwi iqembu iSpecial Five okuthe ngo-1988 yakhipha i-albhamu yayo yokuqala nomfowabo uKhethani eyabe ithi Wemalume. Ngawo lonyaka sewuphela ikhiphe yesibili ethi Sengiyahamba kodwa kube yi-alabhamu yesithathu ethi Imbizo ngo-1990 okuyiyona eveze obala ikhono lale ngwazi. Le ngoma nanamahlanje okusakhulunywa ngayo yaqopha umlando ngokuba ibe yingoma kamaskanda yokuqala yesiZulu ukudlalwa emsakazweni wesiSuthu iLesedi FM. UBhodloza uthe inyuvesi yamazisa ngokuhlelwa kwalencwadi nokuthi kumele abambe iqhaza, wathi ujabula kakhulu ngokuthi umlando kaPhuzekhemisi uzoqoshwa ezincwadini ufundwe nayizizukulwane ezizayo.