UBHOKA uyakhahlela umculi kamaskandi uSenzo “Ntencane” Zondi emva kokuthi unontandakubukwa weTheku, uTha Simelane, ephumele obala ngokuthi uyazifela ngaye.
UTha uthe usehlulekile wukuzibamba ngoNtencane, uze azicabange ngisho eselele esifubeni salo mculi ngendlela amthanda ngayo.
UNtencane ukhuze ibhadi wathi yimihlola le emehlelayo.
“Ngeke ngithi senginezingane ezingaka bese ngiqala phansi ngiba sebudlelwaneni nomunye umuntu. Isono sami wukuthi angimvezi umuntu engithandana, okwenza abone ukuthi ngingathandana naye.
“Ngicela angixolele ngale nto ngoba angiyena lo muntu acabanga ukuthi ngiwuyena.
“Bengizitshela ukuthi ungibona njengomngani njengoba besihlanganiswe yikhasi likaWhatsApp labaculi baKwaZulu-Natal futhi akumele kube khona abantu engibaxwayayo ngenxa yomsebenzi wami. Angiqali ukuzwa lolu daba lwakhe, yingakho ngithathe nesinqumo sokuvele ngiphume kuWhatsApp obusihlanganisile ngoba kukhona abantu asebengibuka ngenye indlela. Ngicela ayiyeke le nto iyangiphazamisa, mina ngizele ukucula kuphela,” kusho uNtencane.
UTha uthe uthando lukaNtencane lwakheke kuyena njengoba behlanganiswa yimisebenzi kamasipala weTheku ekhonjiswa kuFacebook njengoba izwe lisebenza ngaphansi kwemigomo ebekwe nguhulumeni.
“Ngiyehluleka ukuzibamba manje ngendlela engimthanda ngayo uNtencane. Ngendlela okwenzeka ngayo ungathi ungisebenzisela umuthi. Angikaze ngithande indoda ngale ndlela engizizwa ngayo ngoNtencane. Uma kungaba ngowami kungamane kume yonke into ngibheke yena nje kuphela. Njengoba ebenandisa emcimbini kaMasipala weTheku ungiphathe kabu-hlungu esehamba engashongo ukuthi uyahamba. Naye ngimtshelile lokho kodwa wathi usuke waqeda engasaphilile wase eyahamba. Ngimtshelile ukuthi uma eseThekwini angalenzi iphutha lokuthi alale ehhotela kodwa angalala emzini wami,” kusho uTha.
UNtencane uthe kungenzeka ukuthi wenze iphutha ngokuthi adlalise uTha ngokuthi ufuna umsebenzi wokwenza ingadi.
“Ngenxa yokuthi sijwayele ukuxoxa njengabangani, ngithe kuyena ngizidlalela, akangitholele umsebenzi wokwenza ingadi kuShauwn MaMkhize ngoba bajwayelene.
“Uthe naye anganginika umsebenzi wokwenza ingadi kwakhe ngathi kulungile ngingamenzela. Bengingazi ukuthi yena usezokubuka ngenye indlela lokho,” kuphetha uNtencane.