USAZIWAYO wakuleli, uNomzamo Mbatha, usememezele ukuthi nakulo nyaka uzonikela ngemifundaze yenani likaR1 million kubafundi abasezikhungweni ezahlukene zemfundo ephakeme.
Le mali uzoyikhipha ngaphansi kwenhlangano yakhe iLighthouse Foundation nenkampani iHollywoodbets.
Le ntokazi yaKwaMashu, eThekwini, ingomunye usaziwayo wakuleli olula isandla emiphakathini ehlukene, hhayi kuleli nje kodwa nakwamanye amazwe ase-Afrika njengoba iyinxusa lakwa-United Nations High Commissioner for Refugees.
KwiTwitter uNomzamo uveze ukuthi nakulo nyaka bazonikeza abafundi abafanelekile, nabasazimukela izicelo zabo namanje njengoba bezoze bavale ngoJanuwari 11.
Uveze ukuthi ngokuhlanganyela neHollywoodbets nakulo nyaka bakhethe ukuyikhipha le mifundaze. Ngonyaka odlule abakhipha ekaR500 000, kubafundi abangu-70.
“Kulo nyaka sikhethe ukwandisa imali esiyifaka kule mifundaze ukuze sifake isandla entsheni yakuleli efuna ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ngeke sinike abasayongena kuphela kodwa nasebengaphakathi abanenkinga yemali nabangaqedile ukukhokhela izifundo abazenzayo bangafaka izicelo zabo kulo mfundaze,” kusho uNomzamo.
Uthe lesi isipho sakhe sikaKhisimusi asinika intsha ezoba nenhlanhla yokukhethwa.
’’Abafuna ukubhalisela le mifundaze bangathola i-link lapho bezolandela khona yonke imiyalelo yokufaka isicelo, kuzona zonke izinkundla zokuxhumana. Ngibafisela inhlanhla bonke abazofaka izicelo zabo,“ kuphetha uNomzamo.
Ngonyaka odlule abafundi ababeqhamuka ezikhungweni ezahlukene babonga igalelo likaNomzamo emcimbini owawuseZimbali.
Le ntokazi yaveza ukuthi le mifundaze inesifiso sokuthi ihambe yonke iKwaZulu-Natal ifike kubantu basemakhaya abangakwazi ukuthola kalula izinto ezisebenza nge-internet nabakuthola kunzima ukufaka izicelo zemifundaze efana nalena.