UMYENI womlingisi weSibaya umshado wabo osematheni kulezi zinsuku ngenxa yokuthi bayadivosa, uphumela obala ngokuhlukunyezwa yilo mlingisi odlala indawo kaNdlunkulu kulo mdlalo.
UPriscilla Malinga okhulumela usomabhizinisi uRobert Ngwenya ongumyeni kaZinhle Mabena odlala indawo kaSihle kwiSibaya, uthe babone kungcono ukuthi baphumele obala kuleli sonto ngomshado walezi zithandani.
Uthe bebengazimisele ngokuthi lolu daba bakhulume ngalo kwabezindaba kodwa bafuna ukucacisa ngomshado walezi zithandani ngoba baningi abantu abababuza ngawo.
“Ngisho nabezindaba bayasifonela bafuna ukwazi ngokuqhubekayo. UNgwenya ungusomabhizinisi ohloniphekile futhi akathandi ukuthi kube sengathi uzama ukulwa ngokusebenzisa abezindaba,” kusho uPriscilla.
Esitatimendeni sikaNgwenya asikhiphe kuleli sonto, uveze ukuthi ubehlukunyezwa yilo mlingisi. Uthe akahambisani nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane futhi uhlala etshela izingane zakhe ukuthi zingavumi ukuhlukunyezwa. Uthe akukhathalekile ukuthi kuhlukunyezwa owesifazane noma owesilisa kodwa kumele ukusukumele ukuhlukunyezwa
“Mina ngize ngambopha kathathu unkosikazi wami engihlukumeza. Ngo-2019 ngamvulela icala lokweba kwathi ngonyaka odlule ngamvulela amabili okushaya. Nginxusa ukuthi nosaziwayo bangathuli uma behlukunyezwa ngabantu abathandana nabo. Ukuphumela kwabo obala kuzosiza nabanye abantu abangadumile abasabayo ukuphumela obala ngesimo ababhekene naso,” kusho uNgwenya esitatimendeni.
Uveze ukuthi njengomnikazi weNgwenya Foundation esiza intsha efuna ukufunda nehlaselwe yizidakamizwa, kuningi asekufundile ngempilo nendlela abantu okumele baphile ngayo.
Uthe ukuhlunyezwa kuyizindlela ezahlukene ngaphandle kokuthi umuntu uyashaywa. Yingakho ethe ngesikhathi ehlukunyezwa wumkakhe akagcinanga ngokuyombika emaphoyiseni ukuthi ukuze athole incwadi eyisivimbelo sokuthi angasondeli kuyena kodwa wamvulela amacala.
Uphinde waveza ukuthi isimo abhekene naso sokudivosa akasifiseli muntu ngendlela esinzima ngayo empilweni yakhe njengamanje.
Kwenzeka lokhu nje kuleli sonto, uZinhle ukhalelwe amasongo kasigonyela esolwa ngokuzama ukubulala umyeni. Leli cala lichithiwe enkantolo ngenxa yokushoda kobufakazi. Ubesolwa ngokuthi wazama ukubulala umyeni wakhe okuholele ekutheni kugcine kushone unogada wakhe uNgwenya.
Enkantolo kuvele ukuthi icala elibhekene noZinhle alibambeki lagcina lichithiwe.