UMDIDIYELI wemidanso yamanje futhi oyijaji kuma-Idols, uSomizi Mhlongo, uthe uncamela ukufa edla imbuya ngothi kunokwesekwa ngabantu abamhlukumezayo.
USomizi, ukhulume kanje kwi-Instagram yakhe emuva kokuba kukhona ababuze ngobulili bukaVusi Nova.
Labo saziwayo bafake isithombe bendawonye, ngaphambi kokwethula umucwi abawuqophe ngokuhlanganyela, osihloko sithi Intandane.
Yingoma abayibhekise kunina kaSomizi, uMary Twala nokaVusi, uNdileka Nongxa. KwiTwitter kukhona obuze ukuthi uVusi uyisimakanjani ngokobulili noma uyisitabane.
USomizi uphendule ngokucikeka wathi: “Bengizowuphendula lowo mbuzo uma impendulo yami izokhuphula imali onayo ebhange.”
Uzithintele kubantu uSomizi ngoba bathe usekhohliwe wukuthi naye wake wahlupheka njengoba esehlekisa ngosizi lwabo.
Eziphendulela, uthe sekumume emphinjeni ukuthukwa ngabantu ngoba bezitshela ukuthi ngeke aziphendulele ngoba ungusaziwayo. Uthe ngeke aze afele ngaphakathi kodwa uzombhonya ngenkulumo omchukuluzayo ngaphambi kokuba ambhulokhe ezinkundleni zokuxhumana.
“Kunabantu abazitshele ukuthi kufanele usho noma yini kosaziwayo ngoba yibo abaseka imisebenzi yabo. Ngincamela ukufa ngimile kunokuphila ngiguqe ngamadolo.”
Uthe ukuthi kwenzekani phakathi kwakhe noVusi, kakudokwe ligayelwe omunye umuntu.
Kakukhona okokuqala uSomizi evikela uVusi uma ebuzwa ngobulili bakhe. Iningi lake lathi uVusi akayeke ukucasha ngesithupha kodwa akaphumele obala.
USomizi wabuza ukuthi kungani bezixaka ngobulili babanye abantu.
Abantu babebuza ngobulili bukaVusi emuva kokuba uSomizi efake uxhaxha lwezithombe enaye.
“Kangilwi ngiyabuza. Yini nizixake kanje ngobulili babanye abantu...nenza sengathi izimpendulo zizothuthukisa impilo yenu...noma impendulo izonenza nibe ngcono uma kukhona ophumela obala ngobulili bakhe...ngiyethemba wanelisekile ngempilo yakhe futhi ngiyethemba nawe uyayijabulela eyakho,” kwakuphendula uSomizi evikela uVusi owayesemanaphanapha yizinhlamba.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaSomizi noVusi kayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Kakukhona okokuqala uVusi esolwa ngokuthandana nabantu abanobulili obufana nobakhe.
Wake wasolwa ngokujola nesiqumama saseBrazil, okungamahlebezi awachitha. La mahlebezi abuye aqala phansi ngesikhathi esejwayelene kakhulu noSomizi, kangangoba kuze kwathiwa umshado kaSomizi noMohale Motaung sewuyabhidlika njengoba uSomizi esechitha isikhathi esiningi noVusi.
Ingoma kaVusi, apike kuyo uSomizi, iphume izolo kanti isuselwe kwekaBusi Mhlongo, ongubabekazi kaSomizi, eyayisihloko sithi Intandane.
UMary udlule emhlabeni kulo nyaka, uNdileka yena useneminyaka ashona.