Mbali Khanyile
UDONSE abantu ngendlebe, wabayala ngokubaluleka kokuqikelela ukuthi bayisebenzisa ngendlela efanele imali ukuze bagweme ukwentuleka kwayo, usomabhizinisi wodumo lohlelo lwakuMzansi Magic, uThando Nesithembu.
UMnuz Musa Mseleku obethula incwadi yakhe esihloko esithi How I Made My First Million eCity Hall, eThekwini ngoLwesihlanu ntambama, uthe inhloso yokubhala incwadi wukuthi ufuna ukudwebela abantu isithombe ngempilo yakhe nendlela ayihambile ukufinyelela lapho ekhona, kwezezimali.
“Ngibone kunesidingo sokuthi ngibhale incwadi emva kokuthi ngidlule kuyo yonke imisebenzi esengike ngayenza phambilini. Yize omunye wayo engangisebenza kuwo ngaphansi kukaMasipala woGu wawukhokha kahle, ngenza amaphutha nokwaholela ekutheni ngizithole senginengcindezi ezimalini,” kubeka uMseleku.
Eqhuba uthe ngesizathu salokho adlula kukho, ubone kungaba kuhle ukuthi abhale incwadi engaxwayisa abantu ngokumosheka kwemali, singekho isidingo.
“Kuhambe ngabona ukuthi kunezinto abantu abangaziqondi ngami ngenxa yalokho, abakubuka kumabonakude. Amakhosikazi ami wonke ngidlala nawo izitokofela futhi ekupheleni konyaka asenzi imali engaphansi kukaR500 000,” kusho uMseleku.
Wathi izitokofela ziwumthombo wokwenza imali.
Amakhosikazi akhe abehleli ndawonye kulo mcimbi obuhlelwe wuPhiko lwezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko, egqoke econsa enodadewabo kaMseleku.
Unkozikazi wokuqala uMato MaCele odume ngelikaMam’khulu, udlulise amazwi okubonga ngokuphumelela kwencwadi ebhalwe ngumyeni wabo.
“Siyaziqhenya ngoMseleku ongagcini nje ngokuba wumyeni wethu kodwa ophinde abe ngumeluleki nobaba kithina. Siyaziqhenya kakhulu ngokubhala kwakhe incwadi.
INhloyo yoPhiko lwezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko, uMnuz Thembinkosi Ngcobo ibonge uMseleku ngokuba ngabanye babantu abadlala indima ekutheni, babhale izincwadi ngempilo yabo. Ube esegqugquzela namaciko ukuthi nawo angahlonizi ekucikozeni ngempilo yawo.