AYIZIBONI iqoma umahlalela intandokazi umrepha wesifazane osezakhele udumo endimeni yomculo ngenxa yamadoda ayizehluleki nafuna ukunakekelwa abesifazane. UNadia Nakai usho kanje kwingxoxo ebenayo ku-Instagram nomrepha wakuleli uSlikour. UNadia njengame uveze ukuthi usahleli ngentombi akanasoka futhi akekho nomuntu ambona efanelwe ukuba yisoka lakhe ngenxa yezizathu eziningi ngabesilisa.
Lo mrepha uthe into emcoba kakhulu ngabesilisa bakuleli ukuthi iningi labo libukeka lingazazi ukuthi lifunani futhi lifuna ukwenzelwa konke abesifazane. UNadia uthe kwala ngisho isoka lithola intombi engafune kwenzelwa nezizamelayo kodwa lijike libe nezindlela ezibheke eceleni nezona ubudlelwane.
"Engifuna ukwazi ukuthi angikafuni ukuba kwezobudlelwane okwamanje ngisabheke impilo yami," kusho uNadia. Eqhuba uthe inkinga enkulu ngabesilisa ukuthi iningi labo selincike kwabesifazane kakhulu lifuna ukwenzelwa yibo. Uma kungenjalo bagcwala amanzi emadolweni uma bebona abesifazane abaphumelele.
Eqhuba uNadia wenza isibonelo ngenqwaba yesifazane abangosaziwayo abangaqomile ngenxa yabesilisa abangaqondile. UNadia uthe baningi abantu besifazane abanothando, abathembekile, abasebenza kanzima, abanezinto zabo nabangafune kondliwa amadoda kodwa yize kunjalo abesilisa balokhu beyizehluleki.