Ezokungcebeleka Osaziwayo

Umlingisi ukhala ngokucwaswa

Fanelesibonge Bengu|Published

UMLINGISI uNomsa Buthelezi-Shezi nesithandwa sakhe uZandile Shezi-Buthelezi baqokwe emunxeni weCutest Couple of The Year kumaFeather Awards Isithombe: Instagram

UMETHULI wezinhlelo ophinde abe ngumlingisi uNomsa Buthelezi-Shezi, uthi ucwaswa nsuku zonke ngokuthandana nomuntu wobulili obufana nobakhe.

UNomsa oseke wadlala emidlalweni okubalwa kuyo iMuvhango, Generations, Isibaya neminye, ushade noZandile Shezi-Buthelezi ngonyaka odlule.

Bobabili baqokwe kumaFeather Awards emunxeni weCutest Couple of The Year.

“Kuningi ukucwaseka kodwa mina angikunaki kakhulu. Abanye basibuka sengathi asibona abantu. Zonke izinsuku siyacwaswa ngisho lapho sihlala khona onogada abasithandi, sizizwa sengathi asivikelekile. Ngisho kungangena utsotsi ngeke basisize. Sijatshuliswa ukuthi imindeni yethu iyasithanda futhi iyaseseka,” kusho uNomsa.

Uthe ukuqokwa kumaFeather Awards ubengakulindele futhi kubathusile.

“Siyayeseka kakhulu le miklomelo ngoba iyindawo enhle yokugqamisa abantu abathandana nobulili obufanayo. Baningi abantu abazifihlile ngoba besaba ukulahlekelwa yimindeni noma abangani. Akusizi kodwa ukuphila impilo yamanga.”

AmaFeather Awards, okuzoba ngaka-12 ekhona kulo nyaka, azoba seGoli ngoNovemba 11 emcimbini wabakhethekile kuphela.

Uhla lwabaqokiwe lumi kanje:

Best Styled Individual

Anele Papu

Jimmy Nevis

Thishiwe Ziqubu

Hunk of The Year

Ryle Rene De Morny

Gorata Nzimande

Dr. Fezile Mkhize

Hot Chick of The Year

Blue Mbombo

Celeste Khumalo

Siphesihle Ndaba

Sports Personality of The Year

Siya Kolisi

Bongiwe Msomi

Makazole Mampipi

Best Rainbow Parenting

Napo Masheane

Hlubi Mthimkhulu noMduduzi Motaung

Buhlebendalo noBotshelo

Best LGBTIQ Student Movement

Up&Out Tuks

NWU LGBTI: Transformation Association

Rainbow UCT

Best LGBTIQ Initiative: Public Sector

Do Better

Best LGBTIQ Initiative: Private Sector

Queer Wellness Centre

Nike SA

Engage Mens Health

Diva Extraordinaire of The Year

Connie Chiume

Lindiwe Sisulu

Refiloe Modiselle

Media Award of The Year

Motswako

Yim’lo

Blood & Water

The River

Social Media Personality of The Year

Aus Velemina

Vuyokazi Nguqu

Siv Ngezi

Coconut Kelz

Cutest Couple of The Year

Nomsa & Zandile

Ricky & Tony

Sape & Vaivi

Role Model of The Year

Sade Giliberti

SWEAT

Dr Dulcy Stapler Rakumakoe

Drama Queen of The Year

COVID-19 Solidarity Fund

The Gigabytes

Somizi and Dinner with Somizi

Socialite of The Year

Olwee

Sarah Langa

Shauwn Mkhize

Musician of The Year

Makhadzi

Master KG

Zoe Modiga

Fag Hag of The Year

Shumi Dantile

Shauwn Mkhize

Siv Ngezi

African Feather of the Year

Frank Mugish