USEPHONSE ithawula ngosizo lukahulumeni umculi obuye abe ngumphathi waseWest Ink Entertainment.
UMampintsha " Shimora" ovamise ukuba kwizigigaba ngezinto ezahlukene wenze ivideo ekhasini lakhe lika-Instagram ekhala ngokuthi seside isikhathi belindele usizi kuhulumeni njengoba kunesamba semali eyabelwa imikhakha eyahlukene. Kodwa bona njengabaculi iningi labo alikakaze liyithole nokuyinto emkhalisa kakhulu. Okunye akuvezile kule video nakubalulele kakhulu ukuthi kuyamkhathaza lokhu okwenziwa kubaculi ngoba uhulumeni uphinde asebenzise bona uma kunemikhankaso.
"Ngiphazamisekile abathakathi balokhu bayazama bayahluleka futhi ngeke balunge. Bengisanitshela, hhayi ukuthi ngiyakhetha kodwa kakhulukazi amaciko njengoba nabona sishaywe ngama teargas kwalimala abanye, kwaboshwa abanye. Ngiphatheke kabuhlungu ngoba yithina esihlala sikhankasa," kusho UMampintsha. Uthe uhulumeni ubukeka enenkinga namaciko ungafunga ukuthi kukhona elake lahamba nepuleti emcimbini. Akagcinanga lapho uphinde wakhuluma nangezikweletu waveza ingcindezi abangaphansi kwayo ngenxa yesimo sezimali. Uzibalile naye wathi useze wacela usizo enkampanini thizeni. Okunye akhulume ngakho ingcindezi yokondla imindeni eminingi nokwenza kubenzima kakhulu ngalesi sikhathi. " Thina sondla imindeni eminingi, sondla nezingane ezikhula ngamakhanda kodwa ngeke ukubone emaphepheni lokho, anginandaba,“ kusho yena.
Akakhohlwanga nokupika ngezimoto ezinkulu ezikhokhelwa o-R30 000 abahamba ngazo nakusho lokhu maqede wahleka wathi angeke abenalwazi nabanye mhlambe bona bakhokhela izimoto ezibamba kancane o-R10 000. Ube esekhangisa nange nkampani aveze ukuthi iyamlekelela ukukhokhela lezi zikweletu.