NOKUBONGWA PHENYANE
UMCULI waseLimpopo ozakhele igama ngengoma iJerusalema uMaster KG, ubonga abalandeli bakhe emhlabeni wonke njengoba ngeSonto ebusuku ehlabane ngendondo yeBest African Act, emcimbini ama-2020 MTV EMA’s.
Lo mcimbi obuqoshelwe ezindaweni ezehlukene e-Europe, ubukhonjiswa eziteshini ezimbili iMTV Base (322) neMTV (130) kanti ubuye wakhonjiswa ngoMsombuluko kuzona lezi ziteshi ngo-6 ntambama.
Ekhuluma ngokudla kwakhe umhlanganiso uMaster KG, akamshiyanga ngaphandle uNomcebo Zikode athe wenze umsebenzi omkhulu kule ngoma.
“Ngibonga kakhulu kuNomcebo ngokuzinikela, ngeke ngilishiye ngaphandle nethimba engisebenzisana nalo kule ndima i-Open Mic Productions. Ngeke ngibashiye nabantu engithe ngikhipha le ngoma edume umhlaba wonke bangixhasa bayithenga bayidansela futhi,” kusho le nsizwa.
Uthe le ndondo akayihlomulanga yedwa kodwa nabo bonke ozakwabo abeqokwe nabo.
“Eyethu sonke ebesiqokiwe kulo mkhakha, abantu ebenginabo umsebenzi wabo uyancomeka futhi igalelo labo likhulu emhlabeni wonke njengoba umsebenzi wabo uzikhulumela wona,” kuchaza yena.
Le nsizwa ihlomula ngale ndondo nje, ilandela abanye ozakwabo asebeke bayithola okukhona kubo uBurna Boy, Davido noTiwa Savage.
Kulo nyaka ubeqokwe nabaculi okukhona kubo iqembu iScorpion Kings elakhiwe uDJ Maphorisa noKabza de Small, Burna Boy, Rema, Sheebah noGaz Mawete.
Abanye abaculi baphesheya kwezilwandle abahlabane ngezindondo ezihlukene kulo mcimbi kukhona iqembu iBTS ehlabane ngezindondo ezine, Lady Gaga, DJ Khaled, Cardi B nentokazi yomlingisi wakuleli uDumsani Dlamini uDoja Cat ezinze e-USA, ehlabane ngendondo yeBest Newcomer.
UNgqongqoshe wamaCiko namaSiko kuzwelonke uNathi Mthethwa, uhalalisele uMaster KG ngokuhlabana ngendondo.
Uthe elakuleli liyaziqhenya ngokuba nabaculi abafana nalaba.
Uqhube wathi ukuhlabana ngendondo ngokuhlanganyela noNomcebo yinto eyongena emlandweni.
Ne-ANC ngomlomo kaPule Mabe imhalalisele uMaster KG ngale ndondo.
“Ubesanda kuthola enye impumelelo ngale ngoma njengoba isanda kubukwa ngabantu abangaphezu kuka-100 million kuYouTube. Ukuthola le ndondo kuseyisiqiniseko sokuthi amaciko ase-Afrika angaqhudelana namanye asemazweni ahlukene futhi enze umsebenzi oncomekayo. Sicela uMaster KG ngokuhlabana kwakhe agqugquzele aphinde anikeze ukuzethemba entsheni nakumaciko asafufusa,” kuphetha uPule.
UMASTER KG ohlabane ngendondo yeBest African Act emcimbini amaMTV EMAs abengeSonto ngengoma iJerusalema
Isithombe: TWITTER