ISIHLABANI somculo wekwaito, uMandla "Mampintsha" Maphumulo, sisolwa ngokunqwaha noR20 000 womhleli wemicimbi waseWaterloo. UMampintsha wayeqashwe ukuba anandise kwiFak'zaza Siyobloma noMampintsha e-Encore Lounge& Shisanyama Waterloo ngoDisemba 5 kulo nyaka.
Umhleli walo mcimbi (ocelwe ukuba afihlwe igama lakhe) uthe baqala bakhokha ingxenye yemali ababevumelene ngayo okunguR20 000. "Sakhokha idiphozithi kaR10 000 ngoNovemba 6. Emuva kwezinsuku ezintathu yabuya imenenja kaMampintsha yathi uMampintsha uthi asiyikhokhe yonke le mali.
(Isolezwe NgoMgqibelo linayo i-voicenote okuzwakala uMampintsha eyalela umphathi wakhe ukuba afune imali ephelele kubahleli bomcimbi). NgoNovemba 15 sabe sikhokha uhhafu wemali esele. Njengoba umcimbi wawuzoba seWaterloo, kuthe sekuzophela uNovemba ngabo mhla ka20 kuya ku22, sathola ukuthi kunenye indawo khona lapha esimqashile ukuba azonandisa emcimbini ongomhlaka 4 Disemba. Saxakeka impela ukuthi kwenzeka kanjani lokhu. Sathi uma sibuza umphathi kaMampintsha wathi ubugebengu, ayikho leyonto. Ngokuhamba kwesikhathi wavuma ukuthi ukhona lo mcimbi. Ngenxa yokuthi yayingasekho into esingayenza ngoba umcimbi sasesiwuphushe kakhulu sasala sesiqhubeka nowethu." Lo mhleli uthe uMampintsha wavele wangenza kuyo yonke le micimbi wangoDisemba 4 no5.
"Sibe sesizama ukubafonela oMampintsha bagcina bengasazibambi izingcingo zethu. Sithe uma sesibathola bathi asenze omunye umcimbi. Sivumile kodwa sathi uMampintsha akaqale enze i-video axolisa kuyo emphakathini waseWaterloo ngokungafiki ngomhlaka5 Disemba ngoba kuyacaca uwubukela phansi."
Isolezwe NgoMgqibelo liyibonile i-video kaMampintsha exolisa futhi ethembisa ukuthi uzoza komunye umcimbi uma sekuhlelwe izinsuku nabahleli.
Ethintwa uSbu Ncube oyimenenja kaMampintsha uvumile ukuthi benzekile ubuhixihixi phakathi kwabo nabahleli bomcimbi. "Angazi ngoba kungani sebefuna ukusifaka kwabomthetho...Sisangakulungisa okuthize nabo noma yinini. Ngifuna siyilungise le nkinga ndawonye futhi sijabule. Ngibafonele kaningi belokhu bethi basemhlanganweni. Akekho obuyele emuva. Ngaso sonke isikhathi bebethi uma bethi angibathinte ngibafonele. Angazi konakale kuphi futhi ngizimisele ukulungiswa lapho ngiphambuke khona nokuthola isixazululo." USbu uthe noMampintsha umfonele kaningi emcela ukuba alungise le nkinga futhi siqhamuke nolunye usuku.
"Sivumelane ngoDisemba 16 kodwa kwanenkinga nge-sound kodwa sathi sizoxoxisana nomunye umfowethu ngendaba yenkinga ye-sound." Abahleli bathe uSbu usenga ezimithiyo ngendaba ye-sound. "Sathi thina uma sesihlela umcimbi wesibili kuzofanele basihlangabeze ngezindleko ngoba iphutha laba kubo. Sathi yibo abazokhokhela i-sound futhi babuye bengeze ngelinye iciko okunguBabes. Savumelana. Sithe sesibathumelela i-poster enabaculi yaqala phansi inkinga, saphikisana. Yingakho sithe abavele babuyise imali yethu noma sifakane enkantolo."
Uthe sebemfakile uMampintsha eNkantolo yeMantshi yaseVerulam kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela singakasitholi isiqiniseko. Kwenzeka lokhu uMampintsha ubeyolobola ingoduso yakhe eyindlovukazi yegqom', uBabes Wodumo ngesonto eledlule futhi kulindeleke ukuba lo mcimbi uvezwe ohlelweni oluzokhonjiswa kuShowmax.
Ngalolu hlelo uMampintsha noBabes kuthiwa bakhokhelwe isamba sikaR3 million.