USEZWAKALISE ukukhathazeka umethuli wezinhlelo zethelevishini mayelana nokuhlukumezeka kwabesifazane abahlala bethenga amaqakelo nyanga zonke.
USiv Ngesi ongomunye wosaziwayo besilisa abalekelela abesifazane ngamaqakelo uveze ubunzima abhekana nabo kulo mkhankaso. USiv emakhasini akhe ezokuxhumana okubalwa uTwitter no-Instagram ukhala ngokuthi abantu besilisa abaningi abasemandleni babukeka bengayikhathalele indaba yabesifazane namaqakelo.
Yize uSiv ezama ukungqongqoza kweminye iminyango ukuzama ukuthola izindlela zokuthi abesifazane bahlinzekwe ngamaqakelo kodwa uthi kubukeka kusewuqansa ngoba abantu besilisa abaningi abayiboni indaba yamaqaleko njengento edinga ukusukunyelwa kulekelelwe abesifazane.
Kunalokho abantu babona izindlelo zokwenza ibhizinisi elizofaka imali nyanga zonke. Lokhu uveza ukuthi kuyezwela kuye ngoba kusho ukuthi abesifazane bazoqhubeka nokubhekana nengcindezi yezindleko zamaqakelo nyanga zonke.
Lesi sihloko sikaSiv sithinte abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana okubalwa nabanye bosaziwayo. Bephawula abantu abanye baveze ukuthi kufanele ngabe amaqakelo ahlinzekwa mahhala njengoba uhulumeni enza nakumakhondomu. Abanye bathi yize ikhona imkhankaso efunze ekaSiv kodwa kusekude phambili ngendlela esekukhulunywe kakhulu ngaso lesi sihloko kufanele engabe sewukhona umehluko uhulumeni awenzile.
USiv uthe uzimisele nokulokhu elishumayela ivangeli lamaqakelo amahhala kwabesifazane kuze kube kuyenzeka. Lokhu uthe ukholelwa ukuthi kungawehlisa umthwalo emahlombe kulabo abangakwazi nokubhekana nezindleko zokuthengwa kwayo nyanga zonke