USAZOKE athi ukunyamalala umsakazi owuDJ kwezokukwebha amapleti kulandela umyalelo kadokotela. ULerato Kganyago. ongomunye woDJ besifazane abahamba phambili eNingizimu Afrika usekumemezele ngokusemthethweni ukuthi usahlaba ikhefu.
Uthe lokhu wenza lokhu ukulandela nokuhlonipha umyalelo kadokotela omdonse ngendlebe.
Ngaphandle kwakho uveze ukuthi njengawo wonke umuntu ubeka impilo yakhe phambili.
"Imzimba yethu ayisheshi ukuphola noma ukwelapheka ngokushesha ngendlela esisuke sifisa ngayo. Lesi akusona isinqumo engisithatha kancane ngoba sizodumaza abantu abaningi abangesekayo. Yize kunjalo, angeke ngisakwazi ukuqhubeka nokuziba umyalelo kadokotela. Ngisazoma kancane kwezokudijeya," kusho uLerato.
Ngokujwayelekile osaziwayo uma benza izimemezelo ezithinta impilo yabo yangasese bayabavalela abantu ukuthi baphawule ngoba bebalekela ukuthi bazogxambukela. ULerato wenze okuhlukile kulokhu njengoba ethathe isinqumo sokubavala ukuba baphawule.
Ngaphandle kokuba uDJ uLerato uphinde asakaze uhlelo kuMetro FM iThe Bridge noDineo Ranaka.