UMCULI kamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, uhloniphe iSilo samaBandla ngengoma eqhakambisa imfundo, njengoba uMdlokombane ubegqugquzela imfundo entsheni.
Lo mculi wethule ingoma ngokubambisana neMind Empowers Youth Organisation (MEYO). UKhuzani uthi Uhlanga loMhlabathi belugqugquzela imfundo, yingakho ebone kuwumqondo omuhle ukuthi asebenzisane nenhlangano esiza abafundi, ukuthi baqhubeke nezifundo zabo.
“Ngokwazi kwami Isilo besiyeseka yonke imikhankaso yeMEYO ngenxa yokuthi iqinisekisa ukufunda entsheni. Ngibone kungumqondo omuhle ukuthi ngisebenzisane nenhlangano egqugquzela ukufunda okuyindlela ehloniphekile yokusihlonipha ngento ebesiyithanda. Njengoba iMEYO isifundise abafundi abangu-166 000 eNingizimu Afrika, ngifuna ukuqinisekisa ukuthi isibalo sinyuka kakhulu sabazosizakala njengoba isisebenzisana nami ngoba nginabalandeli abaningi, ” kuchaza uKhuzani.
Uthe ingoma izophuma ngoMeyi 7, kanti kumanje bamatasa baqopha ivideo yalo ngoba bafuna iphume kanye nayo. Ngosuku elizophuma ngalo iculo elithi Izwe leMeyo, uthe lizobe selitholakala kuzona zonke izinkundla ezidayisa umculo nge-Internet.
Yena usazosebenzisana nenhlangano isikhathi eside njengenxusa layo.
Khonamanjalo lo mculi ubashiye befuna impinda abantu abebehambele indawo yobumnandi iMaqaqa Lifestyle, e-Adams ngoMgqibelo.
UKhuzani obenandisa kule ndawo okokuqala, ungene ihora lonke esiteji ejabulisa abaculi ngezingoma zakhe ezihlukene.