ISILOMO sikamaskandi uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose, sizithintele ezihlabanini zalo mculo uSenzo "Ntencane" Zondi noMroza "Van Damme" Fakude ngokubabiza ngezimfamona. UKhuzani, oshisa izikhotha nge-albhamu ethi Ijele nosanda kuhlabana kumaKZN Entertainment Awards ngemiklomelo emibili, ukhwele wadilika kulaba baculi wabasola ngokumdayisa ekubeni yena abamba iqhaza ukuze bahlukanise unyaka.
Uthe abaculi sebekhankasela izingoma zabanye abaculi ukuba zihlukanise unyaka kuKhozi FM, ekubeni eyakhe ethi Ijele isidayise amakhophi abalelwa ku-19 000 futhi isibukwe ngabantu amahlandla awu-700 000 kuYouTube. "Le ngoma isigile izimanga phambi kwenu nibuka kodwa nenza sengathi anikuboni lokho. Igenqeza phambili ezingomeni ezishisa izikhotha kuleli. Kunalokho nimatasatasa nifunza abantu ukuthi abavotele izingoma ezingakaze zivele ngisho ephepheni lamazambane futhi ezingenawo lomlando engiwubale ngenhla, kungani? Uma kumele ngifele ukukhuluma iqiniso akusenani kodwa le nto eniyenzayo iwumona osobala. Sekuyinina enitshela abantu ukuthi abavotele ziphi izingoma," kukhala uKhuzani.
UKhuzani ubuze ukuthi ubone ngani omaskandi njengoba sebemhlanganyela.
Eziphendulela uMroza ucele ukucacisa ukuthi akananxa namculi kodwa ubephakamisa igama likaMenzi ngoba kungumfana ambona eza kahle kule ndima.
"Baningi abanye abaculi abaphumele obala basho ukuthi bebengathanda kufakwe yiphi ingoma, nami njengomuntu othandayo uma ebona abafana abancane uma besebenzile benikwe ithuba ngokusebenza kwabo, ngamkhuphula umfana.
Kunzima-ke uma sekuphunywa nami iqhubu ngoba kwehlela ngakimi? Noma inhloso kuwukudicilela igama lami? Ukukhuphula uMenzi bengingazi mina ukuthi sekuyimpi ebhekiswe kuye ngoba zikhona nezingoma zoDumakahle ebezikhankasa nazo," kuphawula uMroza owahlukanisa unyaka ngo-2016.
Eziphendulela uNtencane uthe kumphathe kabuhlungu ukubona kufakwa igama lakhe kubantu abamonazela ingoma kaKhuzani. Uthe wamkhankasela uMenzi kodwa ngoSepthemba. Uveze ukuthi yena akangenanga kumaSama ngenxa yokuthi wafihlelwa ulwazi kodwa wazisola yena.
“Ngahlonishwa ngendondo kumaSatma akekho oke wangibongela. Ngathola uxhaso lwezimpahla zokugqoka akekho oke wangibongela. Kumanje ngiqeda ukuthola uxhaso lakwaTelkom oluhambisana nemoto, nalapho akekho oke wangibongela, ” kubhoka uNtencane.