INDODAKAZI yesiqumama saseThekwini, uSbahle Mpisane, ithi isikhathele abantu abamatanisa umcebo kanina uShauwn Mkhize, nezindaba zokuthakatha nokuthwala.
Uthi uma ngabe abantu bakuleli bekholelwa kangaka ekutheni wonke umuntu ocebile unenyoka, pho bona balindeni bengalandi ezabo.
Lokhu kulandela ukusabalala kwenkulumo yombhali wezincwadi uJackie Phamotse, othe “osaziwayo nezicebi ezaziwayo zakuleli zisebenzisa izinyoka ukuze zigwilike”.
Phambilini uSbahle uke wafaka isithombe ebambe ufeleba wenyoka, okwenze ukuthi abantu ezinkundleni zokuxhumana bematanise inkulumo yalo mbhali nale nyoka ashutha nayo uSbahle.
Bathi le nyoka kusobala ukuthi ingekaShauwn Mkhize, iyona eyenza ukuthi agwilike ngale ndlela.
Ekhasini lakhe le-Instagram uSbahle uphoqelekile ukuthi aziphendulele ngokufaka isithombe somnikazi wangempela wenyoka ayeyifakile, uhambisana nombhalo othi: “Nansi le nyoka, iningi leziduphunga elizitshela ukuthi ngeyami. Hlalani nikhuluma”.
Ekhuluma neSolezwe ngoMgqibelo, uSbahle uthe usekhathele ukubukela abantu bedicilela phansi isithunzi sikanina nomndeni wakhe.
“I-video yokuqala ngayifaka ngoba ngithukile ukuthi kukhona umuntu ohlala nenyoka engaka endlini. Kodwa-ke ngoba abantu bahlale bengafuni ukubona umuntu ephumelela, kumele bakhulume nezinto ezingekho njengokuphiwa inyoka esingenayo,” kusho uSbahle.
Eqhuba uthe kumanje kunekhasi leFacebook okungesilo elakhe kodwa elivulwe ngegama lakhe.
“Bananesithombe sami sikamazisi babuye bafake nemizi kaMa kodwa angiyazi inhloso yabo ukuthi yini ngempela njengoba manje sekuthiwa sinenyoka,” usho kanje uSbahle.
Ephetha uSbahle uthe uyajabula ngoba useyalulama futhi useyakwazi nokuqukula izinsimbi zokujima, nokuyinto abengasayenzi.
“Ngikhuluphalile ngesikhathi ebengisalulama ngaso njengoba bengingasajimi.
“Kuyangijabulisa ukuthi sengiyakwazi ukwenza into engiyithandayo ngoba ukujima yikona okwaphakamisa igama lami kuleli,” kusho yena.
Uthe ngeke ahlukane nokujima ngoba yiyona nto azizwa ejabulile uma eyenza.