UQOLOTHAKAMANGO emculweni uLindelani Mkhize ohlonishwe ngeziqu zobudokotela eNyuvesi yaseZululand, uthi uzoxoxa ngempilo yakhe ngethemba lokugqugquzela abasakhula.
UMkhize ongumsunguli weJoyous Celebration, uhlonishwe ngeziqu zobudokotela zePhilosophy in Community Development.
"Mina ngenza umsebenzi wami kanti kubantu ngiloba incwadi nsuku zonke ngempilo yami. Ngithinteke kakhulu ngalokhu futhi ngisadidekile. Bathe bengitshela ngabuza kaningi, ngingakholwa," kusho uMkhize oneminyaka ecela ku-37 kwezomculo.
Uthe uhlonishwe ngomsebenzi wakhe wokuthuthukisa abantu abahlukene kwezomculo.
"Kuyinto engijabulisayo ukusiza abantu nokungabi phambili. Ngaqala ibhendi kudala ngadlala i-drum kodwa ngingagqamile nakhona ngilokhu ngiqhamuka namaqhinga okukhula. Ngingumuntu onamaphupho amakhulu okungathi ngeke afezeke kodwa ngifike kuwo. Ngikholwa ukuthi kumele usebenze ngokuzikhandla uma ufuna ukuzuza. Ngangifuna kusuka kudala ukungena emculweni ngasebenza noChicco engifundisa. Ngangena ePolygram ngakhula ngezikhundla."
UMkhize ungomunye wabavula iSony Music eNingizimu Afrika.
"Ngaba ngomunye wabantu abaqala i-kwaito. Mhlawumbe angibalwa ngoba angikho kwi-albhamu ethile. Yimina engenza oMdu Masilela iTsiki Tsiki noMazola. OJoe Nina Ding Dong ngaba nesandla, Mashamplane, MaWillies, Vibe Lezinto, baningi. Ngafundisa no-Oskido ekutheni baqale izinkampani zokuqopha, ngadlala indima enkulu ekuqaleni kweKalawa nezinye izinkampani zabantu abamnyama.
“Ngabona ukuthi kunomculo oshodayo ngabuyisa i-Afro soul ne-Afro pop. Ngaqala iMalaika ngashintsha neMafikizolo ngayifaka kuyo. Ngesikhathi ijazz ingadayisi ngaya kuSibongile Khumalo ngaqopha i-albhamu, yadayisa igolide. Ngasebenza noCaiphus Semenya, Jonas Gwangwa, Hugh Masekela nabanye. Ngabona kushoda emculweni wokholo ngangena khona. Kumele ngixoxe ngempilo yami ukuze ngigqugquzele abantu abasha, ukuthi ngethalente ungakwazi ukushintsha impilo," kuchaza uMkhize.
Uthe yize esezuze lukhulu kodwa akaqedile kodwa ufuna ukwenza uhulumeni aqonde ukuthi umculo ungadlala indima enkulu ekufukuleni umnotho.
"IJoyous Celebration isebenza njengebhizinisi futhi yilona qembu elidala futhi lizogubha iminyaka engu-25 ngonyaka ozayo. Uma ufaka abantu abangu-50 esteji abanye abangu-40 abasebenza ngemuva cabanga mingaki imindeni esizakalayo lapho? Siyibhizinisi kodwa uhulumeni akakuboni lokho, yingakho nemboni yethu ingakavulwa kahle. Sesisizwa yimali ephuma ngaphandle ngoba sikhona naphesheya."