UMCULI kamaskandi osanda kuhlabana ngetekisi yohlobo lweQuantum kwiMother of All Maskandi Festival ngempelasonto, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu uthi usathungathela itekisi yakhe umzila ngakubo.
“Uma ngiwuthola ngizoyifaka kuwo kodwa okwamanje ngizobe ngiyisebenzisa enkampanini. Akusiyo into enginengcindezi yayo,” kusho uGatsheni.
Uthe uwina nje ubenetwetwe ebelidalwa wukuthi kunomaskanda abebemfonela bemtshela ukuthi kungenzeka athenge ingulube isesakeni ngenxa yokuthi abanye abahleli bemicimbi enamaQuantum babuye bagilane.
"Bebethi kungenzeka kugcine kungenzekanga lokhu obekuthenjisiwe. Uyezwa ngosuku lomncintiswano akuseyona iQuantum, sekuyiJinbei noma iNyathi. Noma akuseyona lento othenjiswe yona," kulandisa uGatsheni.
Uthe yena uyabonga ngoba abagqugquzeli beMother of All Festival bazigcinile izethembiso.
"Balenzile iqiniso. I-Quantum intsha sha. Alina-scratch. Isekhaya njengoba ngikhuluma," kusho uGatsheni oqwaqwade ozakwabo abawu-30,“ esho.
Uthe ukuhlabana ngalo mklomelo kumjabulise kakhulu.
Uqhubeke ngokuthi:"Benginakho emqondweni ukuthi kungenzeka ngiwuthathe kodwa ngingazi ukuthi ngizowuthatha kanjani."
Uthe ngenhlanhla kwagcina kulungile.
"Ngiyabonga ngokwesekwa engikutholile kubantu, bevota ngobuningi futhi ngokuzikhandla.
“Nami ngizamile ukuthi lapho bengihamba khona, ngikhulume ngalo mncintiswano, kwaze kwaba negebe kwebengiqhudelana nabo," kuphetha uGatsheni.
Kwenzeka lokhu nje lo mculi usanda kuhlabana kwiCultural and Creative Awards ngendondo yeBest Newcomer, ehlula ngisho nomculi onqobe indondo kumaGrammy Awards.
Kulezi zinsuku uGatsheni ushisa izikhotha ngenoni lengoma esihloko sithi Hit After Hit.