Ezokungcebeleka Osaziwayo

Udonswe ngendlebe uBig Zulu encoma uKelly Khumalo

Bongiwe Zuma|Published

BIG ZULU

BALOKHU bevungame njalo abantu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukunconywa kukaKelly Khumalo uBig Zulu ngempelasonto.

Abalandeli bomculo abaneme neze ngokunconywa kwekhono likaKelly nguBig Zulu. Akagcinanga nje ngokuncoma ekhasini lakhe lika Facebook nakuTwitter kodwa uphinde wanameka nesithombe sakhe uKelly ehlobe kahle ngobuhlalo waze washuqula nduku ekhanda. Lesi sithombe sihle siyaheha kodwa uma ungena kuso ubamba ongezansi ngendlela abantu abamchaza ngayo lomculi bexwayisa uBig Zulu ngokuthi angasondelani nale ntokazi ngoba uzozithola esenkingeni ngelinye ilanga. UBig Zulu ubengazange avule inkundla yokungcofa lomculi kodwa ukubeke kwacaca ukuthi ubabaza ikhono kuzakwabo kanti kuzoshintsha ukudla epletini.

“Yeyi ayi bafowethu, cha uyabona uyacula ngempela uMaKhumalo umnandi ngempela ushumi kasisi Kelly Khumalo. Ngiyabonga,” kuloba uBig Zulu.

Yiwona lawa mazwi asuze esinamathambo abantu bethi uBig Zulu uncoma umuntu ongafanele ukunconywa. Noma iningi lithol e ithuba lokutinyela uKelly, bakhona abavumelane noBig Zulu bemncoma ngephimbo nangobuhle bakhe.

UBig Zulu muva nje umatasa upheka i-albhamu yakhe, kanti ezinkundleni zokuxhumana usanda kufaka isithombe namaciko okubalwa kuwo uSamthing Soweto eqopha nawo.

Iculo lakhe lakamuva Inhlupheko selibukwe izikhawu ezingaphezulu kuka-1 million kuYouTube.