UMCULI wokholo uHlengiwe Mhlaba usededelwe esibhedlela emuva kokubandakanyeka engozini ngempelasonto Isithombe: FACEBOOK

SESILULAMELA ekhaya isihlabani somculo wokholo, uHlengiwe Mhlaba, ebesingeniswe esibhedlela saseMpangeni ngoMgqibelo ngemuva kokubandakanyeka engozini yemoto.

Okhulumele uHlengiwe, uCynthia Mathenjwa uthe uHlengiwe udedelwe ngeSonto ntambama emuva kokuxilongwa ngodokotela.

“Kuthe uma kutholakala ukuthi utubekile nje emzimbeni, base odokotela bethatha isinqumo sokuba ayolulamela ekhaya. Bazoqhubeka nokumbheka ukuthi usenjani,” kusho uCynthia.

Imizamo yokuthola uHlengiwe ukuba aphawule ayiphumelelanga ngenxa yesicelo sikaCynthia sokuba aphunyuzwe njengoba ebesalele.

“Baningi asebeke bamzama abanjengoSipho Makhabane kodwa bangamthola,” kuphetha uCynthia.

Ngokusho komunye okhulumela uHlengiwe, uNkululeko Khanyi, lo mculi wehlelwe yile ngozi enyantisa igazi esemgwaqweni waseMelmoth, elibangisa emcimbini obuse-Ermelo, eMpumalanga ekade eqeda ukunandisa komunye umcimbi obuseMpangeni.

Imoto yakhe entsha ceke iMercedes-Benz GL 320 CDI kuthiwa iphazanyiswe ngenye emgwaqweni, yabe seyigingqika amahlandla amathathu.

UHlengiwe ubehamba nomunye wabasizi bakhe.

“Uthe uyazama ukuyigwema, kwasho ukuthi umgwaqo uyashelela ngenxa yokuthi izulu belina. Kwenzeka le ngozi nje imoto uyithenge ngoLwesine olwedlule, ingozi yenzeka ngoMgqibelo.”