UMSAKAZI woKhozi FM, uZandile 'Zeal' Dladla udalule ukuthi uyisisulu sokudlwengulwa, okwenzeke eminyakeni eyisishiyagalombili edlule.
Uthi impilo yakhe ike yaba nzima kakhulu efisa ngisho ukuzibulala, kodwa uyambonga uNkulunkulu ngoba manje sekudlulile futhi uyaqhubeka nempilo yakhe.
Echaza uthi lo mshophi wamehlela eyosebenza enyuvesi angayidalulanga. Wayeyokwenza umsebenzi wokuklwebha amapuleti ebusuku.
“Ngibonga uNkulunkulu ukuthi ngakwazi ukubhekana nale nkinga,” kusho uZandile.
Echaza uthe: “Ngaleso sikhathi kwavele kwabamnyama. Ngangikhala zonke izinsuku. Kodwa ngaphila ngadlula kulelo thunzi lokufa elalingigubuzele. Ngomusa weNkosi angizange ngizibulale, manje senginenjabulo eningi empilweni yami. Ngibonga konke okuhle uNkulunkulu angibusise ngakho.”
Uthi usehlale ehleka kuze kube sengathi akakaze avelelwe yilo mshophi. Uzichaza njengowesifazane onamandla ngenxa yobudlelwano obuqinile noNkulunkulu.
“UNkulunkulu uluvezile kimina uthando lwakhe esebenzisa umndeni wami, abangani, abazalwane nabantu nje abanye ababengisiza ngaze ngalapheka ngokuphelele emoyeni wami. Ngibonga nothando olujulile engiluthola kwaDlamini ekhaya komalume,” usho kanje.
Ukhuze isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane esesiphenduke insakavukela nesigubazele izwe.
“Sithi phansi ngokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane nabantwana,” kukhuza uZeal.
Noma esedlule kulesi simo kodwa uthe uyakukhulekela ukuthi ngelinye ilanga uNkulunkulu umbusise ngomyeni, oqotho futhi onothando bathole nabantwana baqale umndeni. Uthe kodwa uyakuqonda ukuthi yonke into inesikhathi sayo futhi yenzeka kuphela uma kuvume uNkulunkulu.
Ube eseluleka abantu abasha, wathi uma befisa ukuzuza okuhle empilweni kungakuhle uma bengazifundisa ukulalela futhi balalelisise.
Uthe kumqoka ukuba abantu abasha babuyele endleleni eyamukelekile yokuphila futhi bangazishayi ngesithende izimfundiso eziwumgogodla wokuphila, abazithola kwabadala.
UZeal akethuki isisinga kwezokusakaza futhi useguduze izinhlangano eziningi.
Phakathi kwemisakazo aseke ayisebenzela kubalwa iVuma 103 FM, i-East Coast Radio, kanye neGagasi FM. Waziwa ngamatemu akhe ajabulisa abalaleli athi, “ngiyakuchazela nje” “nayi le voice.”