KUBALULEKILE ukuzazi ukuthi ungubani, wenze izinto okholelwa kuzo ungahambi nomoya.
Lokhu kushiwo nguCriselda Kananda ngesikhathi ehlonishwa ngeziqu zobudokotela eNyuvesi yaseZululand, eMpangeni, izolo.
UCriselda uzakhele igama ngokuba wumsakazi nangokuqwashisa ngesifo sengculazi asephile naso iminyaka.
“Yenza izinto ngendlela okholwa ngayo. Ungenzeli abanye abantu futhi ungavumi ukuba yinto ehamba nomoya, evumela yonke into eshiwo abanye abantu.
"Ungenzi izinto ezisemfashinini uma kuthiwa vula i-gate likaJohn, wena ube yistoko. Uma uzazi, uhlala isikhathi eside,” kusho uCriselda.
Uthe usebenzise ubuhlungu abuthola ezwa ukuthi unengculazi njengomyalezo wokusiza abanye abantu abanikeze ithemba.
Uqhube wathi uyintandokazi kaNkulunkulu futhi uze emhlabeni ukuzofeza isithembiso sakhe.
“Ngikholwa ngukuthi uNkulunkulu owavumela ukuzalwa kwami nokuthi ngiphile ngoba abanye bashona. Kumele ngisebenzise lokho ukushintsha impilo yabantu ngendlela enhle. Ngibanikeza ukukhanya nothando.”
Uthe kuyamjabulisa ukuthola lezi ziqu ikakhulu ngoba ungudokotela wokuqala kubo kwaKananda.
Uthe waziswa ngonyaka odlule ukuthi uzokwethweswa lezi ziqu futhi abangani bakhe baqala lapho ukumbiza ngodokotela, okuyinto aseyijwayele yize kumthathe isikhathi ngoba ubengakholwa.
“Ukuhlonishwa ngomsebenzi esengiwenzile kungenza ngithobeke kakhulu futhi kunginika amandla okusebenza ngokuzikhandla.”
Uphinde waveza ukuthi usezinhlelweni zokwenza iqophamlando elikhuluma ngempilo yakhe, ngemva kokubhala incwadi ethi You Are Never Alone.
“Incwadi yayikhuluma ngokuthi noma ngabe impilo inzima kanjani kodwa kuba khona abantu abasizayo.
"Isikhathi esiningi sinaka ubuhlungu sikhohlwe ngabantu abasisizayo.
"Kuba nabantu abakusizayo ohlangana nabo ababa yizihlobo kodwa hhayi zegazi.”