INDODANA kaBob Mabena encane, yavele yathandaza ngoMsombuluko yathi uyise usezulwini.
Lokhu kuvezwe yisikhulu seMSG Afrika Group, ephethe iPower FM, uGiven Mkhari, ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo kaBob izolo ntambama.
“NgoMsombuluko sesiphuma esibhedlela lo mfanyana omncane ogangile uthathe isinqumo sokuthi asithandazele,” kusho uMkhari.
Uthe umfana (El Jay) uthe uyise ujabule, ukahle ezulwini futhi uzohlale enabo njalo.
UBob (51) ushone ngoMsombuluko ngemuva kokuhlaselwa yisifo senhliziyo.
Inkonzo yesikhumbuzo sakhe ibisezindlini zokusaza zePower FM lapho uBob eshone esebenza khona. Ubethula uhlelo lwasekuseni kwiPower FM phakathi nesonto noFaith Mangope.
Uhlelo lwenkonzo yesikhumbuzo beluphethwe nguThabiso Tema, oshayela uhlelo iPower Drive. Uhlelo lwakhe uThabiso belubanjwe ngu-Aldrin Sampear futhi lusazaka bukhoma inkonzo.
UBob uchazwe njengomuntu obenothando futhi ebakhathalele abantu abaseduze.
Izingane zikaBob zifanise ukuzalwa nguye njengokuwina umklomelo omkhulu. Zimchaze njengobaba onathando. Zibonge uthando eziluthola kubantu ngalesi sikhathi.
Umngani wakhe uMelanie Bala, uthe ngesikhathi besasebenza ndawonye ohlelweni iStudio Mix wayenza isiqiniseko sokuthi ufika ekhaya ephephile. Uma engamhambisi yena wayemshayela ucingo ambuze ukuthi uhambe kahle yini.
Udokotela womndeni nomngani kaBob, uDkt Tiny Mhinga, uthe wambona ngoMgqibelo esezinhlungwini.
Uthe kwakungaphezu kwamandla akhe wathi akaye esibhedlela.
“NgeSonto ngakhuluma naye wathi uya ekhaya ngoMsombuluko. Nodokotela waqinisekisa. Wathi ubuyela ehhovisi ngoLwesibili.”
Uthe wayejabule ngokuthi uya ekhaya, uzobona nezingane zakhe.
“Wayejabule ngokuya ekhaya kodwa nguyena noMdali wakhe obaziyo ukuthi lona liphi ikhaya.”
UJudith Sephuma noRingo Madlingozi baduduze ngomculo.
Inkonzo yomngcwabo izoba kusasa ngo-12.30 emini. Izokhonjiswa bukhoma kwi-website yePower FM.