UQWEQWE lukaDJ wakuleli seluhlanganise abaculi abahlukene ukuthi benze ingoma, ngenhloso yokugqugquzela ubumbano ngalesi sikhathi sobhubhane.
UGanyani utshele leli phephandaba ukuthi ngenxa yobunzima umhlaba obhekene nabo, ukhethe ukwenza ingoma ngaphansi kwesiqubulo esithi #Together We Can Stand
“Ngihlanganise abaculi abahlukene ngenhloso yokuthumela umyalezo wethemba kulabo abasebunzimeni emhlabeni jikelele,” kusho uGanyani.
Uthe yize ubunzima obubhekene neNingizimu Afrika bungeyona into entsha kodwa ukufika kweCovid-19 kwenze izinto zaba buthaka kakhulu kunakuqala.
“EMzansi besivele sinezinkinga ezihlukene ebezisikhungethe ngaphambi kweCovid-19. Into engisukumise manje wukubona isimo esilahlisa ithemba esibhekene nomhlaba wonkana.
"Le ngoma ngeke igcine ngokududuza abantu balapha kuphela kodwa ngihlela ukuyisabalalisa nasemazweni aphesheya ngoba baningi abantu abadinga ukubuyiselwa ithemba,” kubeka uGanyani.
Uqhube wathi isiqubulo sichaza inhloso yengoma okuwukubambisana uma kunezikhathi ezinzima ukuze inqontshwe impi esibhekene nayo.
“Yingakho ngizomema nabaculi basemazweni angaphandle kule ngoma ukuze senze isibonelo sokuthi akukho okungasihlula uma sibambisene njengezizwe,” usho kanje.
Mayelana nohlu lwabaculi azohlanganyela nabo uthe, abanye babo sebethintiwe kanti abanye usaxhumana nabo.
“Empeleni ngimema noma yimuphi umculi ozimisele ngokufaka isandla nokuba yingxenye yale ngqophamlando ukuba angithinte,” kusho uGanyani.
Uthe leli culo kumele liduduze izizwe nezizwe nokuyikona okwenza akhiphe isimemo kubaculi ukuze angabibikho ozovaleleka ngaphandle.
UGanyani onengoma entsha ethandwayo ethi Tshokombela napike kuyona uTribute Birdie Mboweni, uthe abaculi abazimisele ukuba yingxenye bangaxhumana naye emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.