U-DJ BONGZ ohlonishwe ngendondo yeLifetime Achievement Award kumaSouth African Dance Music Awards (Sadma) ngempelasonto, uthi yinto okumele ngabe kade yenzeka.
AmaSadma abeseYadini Lounge ngempelasonto, lapho kuhlonishwe khona amaciko amaningi.
“Abahleli bemiklomelo bakholwa wukuthi ngikufanele ukuthi ngiyithole emva komsebenzi wami omkhulu engiwenzile nasemazweni angaphandle,” kusho uDJ Bongz oseneminyaka ewu-21 esemculweni.
“Kwesinye isikhathi uke wenze into abantu bangakujabuleli njengakwamanye amazwe angaphandle. Ngiyajabula ukuthi ngigcine ngihlonishwa ekhaya. Empeleni yinto okumele ngabe ngayithola kudala. Ngikufanele ukuhlonishwa, ngiyazazi ukuthi ngenza izinto ezinhle. Kuyenzeka kuthathe isikhathi yingakho kuthiwa izinto ezinhle ziyalindwa.”
Uthe indondo iseyisiqalo ngoba “sekuyisikhathi sokuthi izinto zize kumnikazi wazo.”
“Zonke izinto engingazitholanga ngesikhathi phambilini ngenxa yezinto zasemhlabeni, ziyeza manje. Kuningi okuzayo kodwa angifuni ukusheshe ngikhulumele eziko. Uma uke waxoxa ngento abantu banezinhliziyo ezimbi, bayakwazi ukukufisela okubi. Nalokhu kuhlonishwa kade ngaziswa ngakho kodwa bengithule.”
Uthe ukuba neminyaka ewu-21 emculweni kungenxa yokuthi umculo usegazini kuye, uyawuthanda futhi akawenzeli udumo.
“Iminyaka ewu-21 ayisho lutho ngoba ngisaqhubeka. Empeleni sengathi ngisaqala. Buka angiphuphi ngoba i-albhamu yami sekusele kancane idayise igolide. Uma ike yalidayisa ngizobe sengiqala ngenza amaphathi okujabulela lokho nabalandeli.”
Phakathi kwabanye abahlomule ngezindonto kubalwa uDJ Le Soul, Kgolo Mthembu, Eyadini nabanye.