UNksz Zinhle Maditla, waseMpumalanga, ovume amacala amane okubulala izingane zakhe ngoMsombuluko eNkantolo eNkulu eMiddelburg. Isithombe: ANA Reporter

UMLINGISI obalwa nabaphambili kuleli, uManaka Ranaka, uthi abesifazane kumele bazinuke amakhwapha nabo ngokuhlukunyezwa kwezingane kuleli. 

UManaka, ongumlingisi weGenerations, ubhale kanje ekhasini lakhe lezokuxhumana ephawula ngodaba lowesifazane ovume amacala okubulala izingane zakhe ezine ngokuzidlisa uphoyizeni. 

Kuleli sonto ngoMsombuluko uNksz Zinhle Maditla, waseMpumalanga, uvume amacala amane okubulala izingane zakhe. UMaditla wazinikela emaphoyiseni ngoDisemba nyakenye ngemuva kokuthinta amalungu omndeni wakhe ngocingo ewatshela ukuthi awayobheka endlini yakhe eseKlarinet eMpumalanga “kukhona abashiyele khona”. Ngesikhathi amalungu omndeni efika, afica abantwana baMaditla abane abaneminyaka ephakathi kwezinyanga ezingu-11 kuya eminyakeni engu-8 bebulewe bagoqwa ngengubo.

FUNDA: Uvume awokubulala izingane zakhe ezine owesifazane

Embhalweni wakhe obuhambisana nescreenshot esinoMaditla esenkantolo nesomunye wesifazane owabulala izingane zakhe ngoba “zimphazamisa ekwenzeni kwakhe ucansi” uRanaka uthe, imvamisa abantwana bahlukunyezwa ngabantu besifazane ekufanele engabe bayabavikela.

“Uma kuza ngasekuhlukunyezweni kwabantwana, abantu besifazane bahamba phambili bandla,” kubhala yena.

FUNDA: 'Sabadlisa ushevu omunye samklinya '- owesifazane ugonyuluke ngokubulala abafanyana

URanaka uqhube wenza izibonelo ngezindaba ezahlukene zokuhlukunyezwa kwabantwana ezinkulisa noma kulabo abasuke bebagadile. 

“Wonke lamavideo asezinkulisa anabesifazane abagada izingane noma othisha behlukumeza izingane zethu esikoleni kanye namavideo abasebenzi basemakhaya abahlukumeza izingane zabaqashi babo. Siwudoti. Lesi yisikhathi sokuthi sizikhombe thina njengodoti,” kusho umbhalo.