USOMAHLAYA ongumlingisi woZalo, uSimthande "MakaThangithini" Myeza, usathuka izanya emuva kokusinda ngokulambisa ethunjwa yizinswelaboya eMbilo, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku. Okhulumela umndeni kaSimthande, uLomsongaka Myeza, uthe lesi silomo sibhaciswe ndawana thize lapho sizimaziswe ngamalungu omndeni nabangani.
Echaza ngesigameko, uLomsongaka uthe uSimthande uthunjwe egibela imoto ekhokhelwa ngebanga esilihambile yakwaBolt.
"Omunye umuntu omnyama ubeshayela imoto ngesikhathi (uSimthande) egibela. Uthe uma (uSimthande) ethola ukuthi imoto iyanhlanhlatha, wacela umshayeli ukuba ajike. Yilapho umshayeli ecasuke khona, wagcina ngokumisa imoto. Kube sekuqhamuka abanye abalisa abamnyama, kwathi omunye wakhomba ngesibhamu uSimthande. Omunye wamvala amehlo, wambopha izandla maqede bashaya bazula naye imoto ibheke endaweni engaziwa."
ULomsongaka uthe lezi zinswelaboya zibe sezingena kwiselula kaSimthande, zazumbula yonke imali ebikhona.
"Bathe uma bebona ukuthi (uSimthande) ungubani, baqhubeka bashayela ucingo amalungu omndeni wakhe, ozakwabo nabangani bafuna imali. Bathe uma sebeyitholile imali, bamkhumula zonke izingubo, bamshutha izithombe ne-video ngesikhathi bemphoqa ukuba enze wonke amanyala ongase uwacabange."
Eqhuba uSimthande uthe ngezintathakusa zangoLwesithathu, izinswelaboya zibe sezitshela uSimthande ukuba aqinisekise indawo lapho ehlala khona, zabe sezimfunela imoto ezomhambisa khona.
"Babe sebemyalela ukuba aze engenzi lutho noma asho into ewubulima ngoba bazomhlukumeza nomndeni wakhe. Singaqinisekisa ukuthi udaba lubikiwe emaphoyiseni," kuphetha uLomsongaka.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aseMbilo aphenya icala lokuthumba.
"Kubikwa ukuthi umgilwa ubeqashe imoto ekhokhelwa ngebanga ezilihambile, kodwa umshayeli wathatha enye indlela. Endleleni kuqhamuke amadoda amabili agibela emotweni. Lamadoda athathe umgilwa emyisa emzini lapho kubikwa ukuthi uphoqwe ukuba akhiphe isamba semali futhi waphoqwa ukuba afune imali emndenini nakubangani," kuphetha uNetshiunda.
Isolezwe libe selithinta abakwaBolt, osethimbeni lababhekene nokuphepha kule nkampani uTobi (ongasidalulanga isibongo sakhe), uthe uzodlulisa umbiko kozakwabo abafanele ukuze baphawule kabanzi ngalolu daba.