USWELE amaphiko okundiza yinjabulo uMoses 'Black Mose' Ngwenya, oyilungu elidala leqembu lomgxobanyawo iSoul Brothers njengoba ezohlonishwa ngeziqu zobudokotela iNyuvesi yaseSouth Africa (Unisa) ngamagalelo akhe emculweni wesintu.
UMoses uzothweswa iziqu ngoNovemba 13, eZK Mathews Hall, eWinnie Madikizela Mandela Building isikhungo esikhulu se-Unisa, ePitoli. Uthe ukucelwa yinyuvesi ukuthi imhloniphe ngeziqu kufike engalindele futhi ubengazitsheli ukuthi kuyokwenzeka.
“Bengihlala ngizitshela ukuthi umculo wesintu ubukelwa phansi kugqanyiswa eminye iminxa kuphela, kodwa lokhu kungikhombisile ukuthi bakhona abaqaphelayo ukuthi senza umsebenzi oncomekayo emculweni wesintu. Okungiphatha kabuhlungu ukuthi kwenzeka kanje, bengasekho abantu engaqala nabo iSoul Brothers. Lezi ziqu engizohlonishwa ngazo akuzona ezami kuphela kodwa ezeSoul Brothers yonke ngoba ngizozithola ngenxa yayo. Kuyangijabulisa ukuthi amagalelo eqembu asabonwa namanje, yize selinesikhathi likhona,” kusho uMoses.
Uthe okumjabulise kakhulu ukuthi uzohlonishwa yinyuvesi eyaziwayo. Uveze ukuthi likhona ibandla elake lafaka isicelo sokumhlonipha ngalezi ziqu kodwa wasichitha isicelo salo ngenxa yokuthi wayengenamlando ngalo. Uthe wayevikela isithunzi sakhe neseqembu, ukuze lingatheleki ngehlazo uma kungukuthi lelo bandla lalingenalo igunya.
Ngokwencwadi evela e-Unisa eqinisekisa ukuthi uzothweswa iziqu, ithi uzohlonishwa ngokuba wumholi oqotho, nokuzinikela emculweni wakuleli nasemhlabeni.
Waqala ukusebenza noDavid Masondo ngo-1976. Amanye amalungu angasekho emhlabeni uTuza Mthethwa owashona ngo-1979, Zenzele Mchunu ngo-1984, noDavid Masondo ngo-2015.