BAJABULISE okwenzingane ezincane abantu abahlala emgwaqweni nabangenakudla enkabeni yeTheku naKwaMashu, ngesikhathi osaziwayo bakuleli bebanikelela ngokudla ngePhasika.
UDJ Zinhle, Maps Maponyane, Mudarh Bongz weBlack Motion banikele kwabahlwempu behambisana nenkampani iNS Foundation, ephethwe usomabhizinisi uNosipho Fakude.
UNosipho uveze ukuthi indlala ingenye yezinto ezihlasele kuleli, okumele ibhekwe ngelinye iso.
“Ngaphansi kwesiqubulo sethu esithi Breaking Bread, sikhiphe amapuleti okudla angu-1000 kubantu abahlala emgwaqweni nabaswele ngempelasonto esiphuma kuyona. Asigcinanga nje ngalaba kuphela kodwa nabadala nabo sibanikile ukudla. Siphinde sabanika izikhwama ezinezinto ezihlukene okukhona kuzo izingubo zokulala ikakhulukazi laba abahlala emgwaqweni,“ kuchaza uNosipho.
UDJ Zinhle uveze ukuthi kwabesifazane bafake namaqakelo ukuze baqhubeke nokuzinakekela uma besezinsukwini zabo.
“Abantu abaswele kakhulu ilaba abangenalutho, okungangeni ngisho isenti emakhaya abahlala kuwona ngakho sibone kungcono ukuthi sizosiza bona kulesi sikhathi. Ngakho kulesi sikhathi seCovid-19 isimo sibe sibi kakhulu kweminye imindeni abantu bazithola bedla ukudla okungenampilo nokungaqhubeka kubadalele izifo, ukudla ebesibalungisele kona bekunempilo nesithemba ukuthi bakujabulele,” kuchaza uDJ Zinhle.
Uveze ukuthi abanye abaxhase kulolu hambo lwabo abakwaTastic Rice.
“Ukudla kuyabiza futhi ngakho lokhu esikwenzile kukhulu ngempela kithina. Siyathemba ukuthi nabanye bazoqhubeka nokwenza umsebenzi omuhle wokusiza abaswele, laba ngabantu abasixhasayo nathi emculweni wethu ngakho kuyajabulisa ukubuyisela emphakathini.”
Kwenzeka lokhu nje uDJ Zinhle usanda kudedela i-video yengoma yakhe ethi Indlovu, apike kuyo insizwa eyazakhela igama ohlelweni ama-Idols uLoyiso.
Le video uDJ Zinhle uyifanise nefilimu emfishane athi ixoxa indaba yowesifazane osebenza kanzima ukuze aphumelele.
Uthe uyathemba ukuthi intsha kukhona isifundo ezosithola kule video.
UDJ Zinhle, Nosipho Fakude, Maps Maponyane noMudarh Bongz akade bezonikela ngezinto ezihlukene kwabahlwempu elokishini laKwaMashu nasenkabeni yeTheku njengoba bekuyimpelasonto yePhasika ISITHOMBE: SITHUNYELWE