Le video esabalele ezinkundleni zokuxhumana iveza lo mculi elengise ibhakede lamagwinya nesikhwama efake ophaqa namasokisi ehamba sakucobeka njengomuntu ovela emsebenzini.
Kuzwakala izwi lowesilisa olokhu encokola naye nokusolwa ukuthi uyena othathe le video.
UDSD uthe akaphiki ukuthi uyena obonakala etshathe isikhwama sabefisazane nebhakede. Kodwa uthe akakaxakeki ngendlela yokuthi useziphilisa ngokudayisa amagwinya emgwaqweni njengoba sekudumile. “Ngiphoxekile ngokuhlambalazeka okungaka ekubeni anginanxa namuntu.
Le video seyixabanisa abantu manje ngoba nami nginabalandeli abaphoxekayo ngezinto ezikhulunywa ngami. Angiwadayisi amagwinya futhi lokhoangikusho ngoba ngiphakeme ngomsebenzi kwabanye abantu. Ngisekhaya ngoba isinqumo engasithatha kuqala iCovid-19,” kusho uDSD.
Eqhuba uthe abantu kunokugxeka bangathatha isifundo kuyena ngendlela okunakekelwa ngayo unkosikazi noma ngabe owasemakhaya uyadinga ukunikwa uthando. “Ngivinjwe umuntu wangixoxisa ngamhlonipha ngoba abantu bayasazi.
Angizange ngimbone ukuthi uyashutha kodwa ngoba ubenezinhloso afuna ukuzifeza i-video seyigcwele yonke indawo ngiyinhlekisa. Bengihlangabeze unkosikazi esiteshini ngamphathela isikhwama nebhakede.
Lokhu kuwuthando nendlela okumele siwaphathe ngayo amakhosikazi ethu nasemakhaya,” kusho uDSD. Eqhuba uthe yize iCovid-19 nakuyena ishaye kwazwela ngasohlangothini lomculo kodwa akukubi ngasemalini, impilo iyaqhubeka ngamabhizinisi anawo.
“Isimo esifana nalesi seCovid-19 kade ngasilungiselela. Ngangena ematekisini nasekhaya ngafuya izingulube, izinkomo, izimbuzi, izinkukhu ngiyaqhubeka nokufuya. Angilambile nakancane futhi nabantu abangaziyo nengibasizayo bayazi. Uma ngisekhaya vele ngeke ngiswenke, ngelinye ilanga ngiyofaka nama-sleepers kankosikazi wami, abantu abakujwayele lokho,” kusho uDSD. Ephetha uthe uyafisa ukuthi abantu bawuyeke umkhuba wokuhlekisa ngabantu nezimo ababhekene nazo ngoba noma engakahlupheki kodwa umndeni wakhe uphatheke kabi ngendlela asephenduke ihlaya ngayo.
Lesi sikhathi uthe sinzima kubaculi abaningi abanye ikati lilele eziko ngempela ngakho kuba buhlungu uma kukhona abazokuphendula ihlaya nokufuna udumo ngosizi lwabaculi.