UMCULI uKelly Khumalo uthi ubeqala futhi egcina ukungenela amaCrown Gospel Music Awards ngoba akaneme ngemiphumela.
UKelly ubeqokwe emunxeni weBest Gospel Song ngengoma ethi Esiphambanweni apike kuyo uHlengiwe Mhlaba.
Ubeqhathwe noBucy Radebe (Uzuyigcin’impilo yam), Xolisa Kwinana (Uyasondla), Vusi Nova ft Dumi Mkokstad (Yiba Nathi), Tshwane Gospel Choir (Imvuselelo) noCannan Nyathi (Baba Ziveze) ogcine enqobile.
UKelly uqale wakhala ekhasini lakhe leTwitter ngaphambi kokufaka i-video ekhasini lakhe le-Instagram.
“Ngiyazi ngizozwakala njengomuntu ongakwamukeli ukwehlulwa kodwa ngalesi sikhathi, anginandaba,” kusho uKelly.
Uthe ucela kuqhathaniswe i-Esiphambanweneni neBaba Ziveze ngoba ubengeke abe nankinga ukuba kuwine Uzuygcin’impilo Yam noma Yiba Nathi.
“Hhayi ngeke bakithi. Akubhekwe isibalo sabalandeli, akubhekwe ama-charts, ukudlalwa kwezingoma, ukubukwa kwiYouTube kungagangwa ngathi bazalwane. Sibalekelephi uma singabalekeli enkonzweni ngoba enkonzweni silindele iqiniso lodwa?”
I-World Gospel Powerhouse ehlela amaCrown esitatimendeni, ithe yona igcina ngokuqoka abantu bese umphakathi kuba yiwo ovotayo.
Lokhu ithi sekwenzeke iminyaka ewu-13 kwaqala imiklomelo.
“Ngokwamava ethu ukuthandwa ezinkundleni zokuxhumana iFacebook, Instagram neTwitter nokubukwa kwiYouTube nokudlala kuhle kodwa akusho ukuthi uzovotelwa.”
Ithe minyaka yonke bonke abaculi abaqokwayo bayazikhankasela futhi nakulokhu bekwenzeka okufanayo.
“Bebeyisithupha abaqokiwe kulo munxa. UCanaan Nyathi nguye onqobile othole indawo yokuqala ngamavoti awu-33 885 uma kuqhathaniswa noKelly Khumalo obe sendaweni yesithupha ngamavoti angu-1 291. Abathandi bomculo wokholo bakhulumile.”
Amavoti ethu abalwa yinkampani ezimele futhi abaculi banelungelo lokuyithinta ukuqinisekisa amavoti. Inxuse ukuthi kungabukelwa phansi umsebenzi wabanye abaculi nokubukela phansi abalandeli abathathe isikhathi nemali yabo bevota.
UMSUNGULI wamaSABC Crown Gospel Awards, uZanele LaMbokazi Nkambule, enikeza uCanaan Nyathi indondo emcimbini Isithombe:Facebook