USOMAHLAYA ongumsakazi weGagasi FM, uFlymotion, uthi ukuqokwa kwakhe emincintiswaneni emibili kanye kanye, kungenxa yokuthi ubuye anikeze abanye osomahlaya ithuba lokuzibonakalisa.
Uqokwe emkhakheni weBest Comedy kumaDurban Creative Awards esibili kulo nyaka. Uqhathwe noNeil Green noCalvin H Goldstone.
Uphinde waqokwa kumaSouth African Comedy Awards emunxeni weTop Comedian on Radio. Uncintisana noSkhumba Hlophe, Carl Weber, Dalin Oliver, Angel Campey. Darren Maule, Jason Goliath, TT Phasha, Pelepele Mchunu, Felix Hlophe noMr ajp Magwedze.
“Kuningi engikwenzayo emsakazweni nangaphandle kwawo ukufukula abanye osomahlaya. Bekulukhuni kosomahlaya ukuthi banikezwe ithuba emsakazweni. Mina ohlelweni engisebenza kulo iNoma Yini ngo-12 kuya ku-3 ntambama noHeazy noLe Soul, nginikeza osomahlaya inkundla yokuthi basho amahlaya bukhoma ngoLwesine. Kuyabakhuthaza futhi badume bathole nomsebenzi. NgoLwesibili nangoLwesithathu ngithatha iziqeshana zalapho benandisa bukhoma ngizidlale. Nginemidlalo emifishane engiyenzayo wonke amasonto nakhona ngisebenza nosomahlaya ngibuye ngizibambele mina ngoLwesihlanu.”
Uthe ukuqokwa kwakhe kumenze akhuthazeke ngoba abantu bayakubona akwenzayo.
Okumkhathazayo wukuthi osomahlaya bathathwa kancane kunamanye amaciko.
“Osomahlaya kumele basebenzise ubuciko obukhulu kabi uma beqamba amahlaya amasha kodwa bathathwa kancane. Uma ngisho imali engibiza yona uyiqhathanise nomuntu ongumculi noma uDJ, ihluke kakhulu futhi abantu bakubona njengomuntu ongasile. KoDJ kulula badlala izingoma zabantu kodwa babiza kakhulu. Yingakho sengizama nokuzenzela imicimbi yami hhayi ukwenza imali kuphela kodwa nokunikeza abanye ithuba. Kunengizowenza iCoastal Lounge eMgababa ngomhlaka-26, nomunye ngoDisemba 19 e-Olive Convention Centre.”
Uzama ukuhlanganisa umdlalo wamahlaya ozoqasha abanye osomahlaya abasafufusa.AmaSouth African Comedy Awards akhuza ibuya emuva kweminyaka agcina ukuba khona.
Abanqobile bazomenyezelwa emcimbini ozoba seSoweto Theatre ngoDisemba 12.