LUGCINE lugobile uphondo kwisihlabani somculo wekwaito, uMandla "Mampintsha" Maphumulo, emuva komdonsiswano nomhleli womcimbi kusukela ngonyaka odlule.
Nyakenye Isolezwe NgoMgqibelo labika ukuthi uMampintsha unqwahe noR20 000, ayeqashwe ngawo ukuba anandise ngoDisemba 5 emcimbini owawuse-Encore Lounge and Shisanyama eWaterloo. Kepha wagcina engafikanga. Abaphathi bakaMampintsha bashaya phansi ngonyawo bathi ngeke bayikhokhe le mali, kwaphoqeleka ukuthi umgqugquzeli womcimbi amfake kubameli.
"Emuva kokuvula icala sahlangana nemenenja yakhe uSbu Ncube, sagcina sivumelene ngokuthi kwenziwe omunye umcimbi ngenhloso yokukhokha imali. Sekuqinisekisiwe ukuthi umcimbi uzokuba ngoMeyi 1 kulo nyaka. I-West Ink ivumile ukwengeza amanye amaciko angaphansi kwenkampani ngaphandle kwenye imali, bekhombisa ukuzisola ngephutha labo."
Ongumphathi wamaciko enkampanini kaMampintsha, uSbu Ncube, uvumile ukuthi bafinyelele esiphethweni sokuhambela yonke imicimbi abangalubhadanga kuyo ngamaholidi kaKhisimusi, angonyaka odlule.
"Sizama ngayo yonke indlela ukungabi nachashazi," kuphetha uNcube.
Umhleli womcimbi uSanele Masuku, uthe baqala bakhokha ingxenye yemali ababevumelene ngayo okunguR20 000.
"Sakhokha idiphozithi kaR10 000 ngoNovemba 6. Emuva kwezinsuku ezintathu yabuya imenenja kaMampintsha yathi umculi uthi asiyikhokhe yonke imali. NgoNovemba 15, sakhokha uhhafu wemali esele. Njengoba umcimbi wawuzoba seWaterloo, kuthe sekuzophela uNovemba ngabo mhla ka-20 kuya ku-22, sathola ukuthi kunenye indawo khona lapha esimqashile ukuba azonandisa emcimbini owawungoDisemba 4 nyakenye. Saxakeka impela ukuthi kwenzeka kanjani lokhu. Sathi uma sibuza umphathi kaMampintsha wathi ubugebengu, ayikho leyonto. Ngokuhamba kwesikhathi wavuma ukuthi ukhona lo mcimbi. Ngenxa yokuthi yayingasekho into esingayenza ngoba umcimbi sasesiwuphushe kakhulu sasala sesiqhubeka nowethu,“ kusho umhleli womcimbi uSanele Masuku.
UMasuku uthe uMampintsha wavele wangafika kuyo yonke imicimbi wangoDisemba 4 no 5. "Sibe sesizama ukubafonela oMampintsha bagcina bengasazibambi izingcingo zethu. Sithe uma sesibathola bathi asenze omunye umcimbi. Savuma kodwa sathi uMampintsha akaqale enze i-video axolisa kuyo emphakathini waseWaterloo, ngokungafiki ngomhlaka5 Disemba ngoba kuyacaca uwubukela phansi, " kuchaza uMasuku.
Kwahlelwa omunye ngoDisemba 16 kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngenxa yomunye umdonsiswana. Yize uNcube athi kwaba nenkinga ne-sound kodwa abahleli bomcimbi bathi kwaba nomdonsiswana ngezindleko.
"Sathi uma sesihlela umcimbi wesibili kuzofanele basihlangabeze ngezindleko ngoba iphutha laba kubo. Sathi yibo abazokhokhela i-sound futhi babuye bengeze ngelinye iciko. Savumelana. Sithe sesibathumelela i-poster enabaculi yaqala phansi inkinga, saphikisana. Yingakho sithe abavele babuyise imali yethu noma sifakane enkantolo."