ZIYAMBHEDELA izinto uR.Kelly obhekene namacala amaningi athinta ucansi Isithombe: SIGCINIWE
LIHLEHLISELWE u-Ephreli wonyaka ozayo icala elithweswe isihlabani somculo weR&B, lokutholakala nemifanekiso yezingane ezinqunu nokuzama ukubalekela ingalo yomthetho.

Leli cala ngelinye uR.Kelly awagqigqayo nabhekene nawo athinta ucansi. Kuleli kuvela ukuthi lesi sihlabani sengoma yodumo ethi I Believe I Can Fly, saphoqa ingane eneminyaka engu-17 ukuthi ikhumule isale ngesudi yesele imdansele. Umqulu osenkantolo uthi wayehlose ukuzitika ngocansi nale ntombazane kodwa wagcina ngokuzikhuhla kuyona. Kuthiwa wayikhokhela uR3000 eseqede ukuzijabulisa ngayo. UR Kelly uyaliphika leli cala.

Ukuhlehliswa kwaleli cala iJaji uHarry Leinenweber kwenzeke ngoLwesithathu kuleli sonto enkantolo enkulu eChicago.

NgoJulayi kulo nyaka, ithimba labashushisi enkantolo eChicago bathwese lesi sihlabani amacala awu-11 ocansi.

Kwenzeka lokhu nje uR.Kelly ugqunywe ejele nokuyilapho ehlaliswe yedwa ngemuva kokufaka isicelo ngenxa yokusaba ukwenzakaliswa yiziboshwa ezingahambisani nemikhuba asolwa ngayo. Yize kunjalo ngeledlule uphinde wafaka esinye isicelo sokuhlaliswa nezinye iziboshwa. Ubekhala ngokushaywa umzwangendwa njengoba engakwazi nokufunda izincwadi azithunyelwa abalandeli bakhe. - MTV