Ezokungcebeleka Osaziwayo

Kuzoma nse yonke into kubhikisha amaciko

Charles Khuzwayo|Published

UCHICCO Twala uthi sekubame emphinjeni ukuxhashazwa kwamaciko ekubeni esebenzile Isithombe:SIGCINIWE

KULINDELEKE ukuba kumense yonke into eGoli njengoba kunokhukhulelangoqo wemashi yamaciko namhlanje ezosukela eFournos The Zone, eRosebank Mall ilibhekise e-Universal Music kusukela ngo-11 ekuseni.

VUSI XIMBA

Inkakha yomculo we-Afro pop, uSello "Chicco" Twala, ithe sekuwame emphinjeni amaciko akuleli ukuhlupheka kwamaciko ekubeni izikhulu zezinkampani ziphila impilo entofontofo ngamandla nemijuluko yawo.

Uthe umculo odayisa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngowabaculi bakamaskandi nabawokholo kodwa lawo maciko adla imbuya ngothi.

"Sithole ukuthi abaculi asebebadala bebethola imali ngokudayiswa kwamaCD namakhasethi kuqala.

“Laba baculi abazi ukuthi kunemali okufanele ngabe bayayithola ngokudayiswa komculo wabo ezitolo zobuchwepheshe (digital stores).

“Umculo wabo wenza izigidi zamaradi kodwa imali yabo idliwa izinkampani," kusho uTwala.

Uthe abaculi kufanele ngabe bathola u-50% ngomculo odayisa kuma-digital stores kodwa basathola u-5% bese u-45% udliwa yizinkampani abaqopha ngaphansi kwazo.

"Abaculi abaxhashazwa kakhulu ngabakamaskandi ngoba iningi labo laziwa ngokuthi alifundile. Yiwona mculo othengwa kakhulu kuma-digital stores kodwa abanikazi bawo bayarojwa.

“Lokhu kwenziwa ikakhulukazi kulaba abadala nabangasekho. ONkunzemdaka kunemali abayenzile ngomculo wabo kodwa engafiki kubo," esho.

Uthe yingakho bezogcwala umgwaqo ngoba beyolwisana nokunqwarha kwezinkampani nemali yabaculi.

Okunye athe bazokufuna ukuba abaculi babe ne-medical aid ukuze imali yabo isebenze besaphila hhayi isetshenziswe ngoba sebengasekho.

Uthe kufanele kuphele ukudlula emhlabeni kwamaciko engenamali futhi ayeke nokulashwa ezibhedlela zikahulumeni ekubeni esebenzile.

Kumaciko ashone edla imbuya ngothi ekubeni eyibekile induku ebandla, kubalwa uSimon Mahlathini Nkabinde, uVusi Ximba, uMgqashiyo Ndlovu, uRay "Velaphi kaMjongeni" Ntlokwana nabanye abaningi.

MAHLATHINI NKABINDE
RAY NTLOKWANA