‘IQHINGA elidala leli lokuthi uma umuntu engasakwazi ukukulawula bese ehamba efafaza amanga ngawe.”
Lawa kube ngamazwi kaZandie Khumalo (Gumede) uma ephawula ngokushiwo wudadewabo uKelly Khumalo ohlelweni olukhuluma ngempilo yakhe, iLife With Kelly Khumalo oluqale ukukhonjiswa kwiShowmax ngoLwesine olwedlule.
Kulolu hlelo oluneziqephu eziyisithupha, uKelly ubhoboka ngezinto eziningi ezithinta impilo yakhe kanti kwesinye seziqephu uveza ukuthi usola ukuthi uZandie “uloyiwe”.
UKelly usola usbali wakhe, uMhlo Gumede, ngokuloya udadewabo njengoba nobudlelwane babo bungasahambi kahle.
“Akuyona into entsha ukuphathwa kabi kwami udadewethu, sasingakazani ngisho noMhlo. Ngibonga umyeni wami ngokunginika uthando lwangempela nokungifundisa ukuzimela empilweni,” kusho uZandie.
Uthe okokuthi yena uloyiwe uqala ukukuzwa ngoKelly.
“Ngisebenze kanzima ukuzakhela igama kule ndima, ngaphuma ngaphansi kwefu elimnyama likasisi wami. Ngiyobe ngonakele uma ngingamvumela ukuthi aphinde angidonsele ebumnyameni bakhe,” kubeka uZandie.
Uveze ukuthi akalibukanga kwalolo hlelo futhi wanqaba ukuba yingxenye yalo ngoba wayazi ukuthi kuzobe “kugcwele amanga”.
Ingxabano yalezi zelamani igqame kakhulu ekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi uKelly ekhipha isitatimende exwayisa abalandeli bakhe ngosbali wakhe, ethi kunemali kaBhekani Ndlovu ohlela imicimbi okuthiwa wayithatha egameni likaKelly.
Emuva kwalesi sitatimende uZandie owayecasukile wabe esememezela “isehlukaniso” sakhe nodadewabo, emsola ngokungamfiseli injabulo.
Unina walezi zintokazi zakwaKhumalo, uNtombi Khumalo, naye uyavela ohlelweni nalapho ezwakala khona enxusa uKelly ukuthi babuyisane nodadewabo ngoba ufuna ukuthi mhla eshona abashiye bebambisene njengezelamani.
Elandisa ngengoma yakhe entsha ethi Ngijabule Kabi, uZandie uthe unezinhlelo ezinkulu ngale ngoma njengoba ngeNyanga yamaSiko ezoqopha i-video yayo.
“Kuyangijabulisa ukuthi abantu bayawuthakasela umculo wami ngaphandle kokumataniswa nezigigaba thizeni. Nginethemba lokuthi izoshaya igolide noma i-platinum kanjalo. Kanti ngonyaka ozayo ngizimisele ngokukhipha i-albhamu ephelele,” kusho uZandie.
Uphethe ngokuveza ukuthi ngaphandle kokupheka i-albhamu yakhe, isikhathi se-lockdown usisebenzisa ngokuzivocavoca, anakekele umyeni wakhe “omloyile”, esho ehleka aphinde enze izifundo zokupheka.
Maduze uzomemezela ngezinhlelo anazo okubalwa nekhonsathi ebizwa ngeZandie Khumalo and Friends.