USHONELE emzini wakhe ngemuva kokugula isikhashana umlingisi osezakhele udumo endimeni yokulingisa uLindiwe Ndlovu.
ULindiwe abaningi bebembiza ngegama likaSponono aduma ngalo emdlalweni iZabalaza.
Leli gama namanje abaningi bebesambiza ngalo yize lo mdlalo bese kunesikhathi waphela futhi ubeseke wabonakala nakweminye imidlalo.
Esitatimendeni esikhishelwe abezindaba yinkampani abesebenza ngaphansi kwayo iGaenor Artist Management, baveze ukuthi bazomkhumbula ngokuzinikela kwakhe.
“Ikusasa lakhe emkhakheni wezokulingisa belisagqamile kakhulu. Sizohlala simkhumbula nokusebenza naye. Kithina uLindiwe ubefana nomndeni kanti kwabanye ubeyiciko elinethalente eliyisimanga. Kwasijabulisa kakhulu ukumbona ethola indondo kumaSAFTA waphinde wayinikwa umlingisi waphesheya uSamuel L Jackson, nokwaba yinto naye eyamthokozisa kakhulu,“ kuchaza isitatimende.
Siphetha isitatimende, siveze ukuthi ubekuthanda ukulingisa kakhulu njengoba ebezinikela kuyona yonke imidlalo akade ebonakala kuyo kwithelevishini kanjalo neyasesiteji.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi yize ungazi ukuthi lo mlingisi ubexinwe yini kodwa ugule kancane.
“Omunye uzakwethu uthi ubekhuluma naye ngoLwesihlanu, kodwa emini ube esethola ucingo luvela emndenini lumazisa ngokudlula kwakhe emhlabeni. Yazi kuyathusa ngempela lokhu okwenzekayo, mina angazi ngithini,“ kuchaza umthombo.
Isolezwe lizamile ukuthinta umndeni wakhe kodwa owesifazane obambe ucingo ozibize ngoNobuhle, unxuse ukuthi banikwe isikhathi.
“Ngicela ubuye ungithinte okwamanje angeke ngikwazi ukukhuluma,“ kuchaza uNobuhle.
Osaziwayo okukhona kubo uSiv Ngesi, Wiseman Mncube, Nomsa Buthelezi badlulisele amazwi enduduzo emndenini wakhe.
Bobathathu bancome ithalente lalo mlingisi.
Nabantu bakuleli, ezinkundleni zokuxhumana, bazwakalise ubuhlungu babo ngokudlula kwalo mlingisi.
Lo mlingisi muva nje ubeseke wabonakala emdlalweni Isono kwiBET, nala ebelingisa khona indawo kaFrancina.
Eminye imidlalo abeseke wabonakala kuyo kubalwa Ehostela, Lockdown, Generations, Greed and Desire, Ifalakhe, Umlilo, Uzalo neminye.