Nokubongwa Phenyane
KUSHAQEKE abaningi kuvela izindaba zokudlula emhlabeni kwenkakha yomlingisi Babsy Selela (56), ozakhele igama emidlalweni yakuleli.
UBabsy kuvela ukuthi udlule emhlabeni ngesonto eledlule, kodwa futhi akucaci ukuthi kube yini imbangela yokudlula kwakhe emhlabeni.
Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni zivele ezinkundleni zokuxhumana kanti abantu bebezwakalisa okukhulu ukudumala.
Omunye wabalingisi uNomvula Ndlovu ubhale ekhasini leFacebook, lapho ebezwakalisa ukumangala ngokuvela kwalezi zindaba.
“Babsy? Kanti ingxoxo akade sinayo sikhuluma ocingweni bese sikhuluma okokugcina, ungitshela ukuthi ungikhumbule saxoxa kwaba mnandi. Ungitshele ukuthi ungikhumbule kodwa yini mfowethu? Sakhuluma ngokuthi uma kudlula iCovid19 nokuvalwa kwezwe sizobonana, futhi sasihlele lesi sikhathi samaholidi, manje usuhambile kanjalo nje” lala uphumule,“ kubhala uNomvula.
Kodwa ngemuva kwesikhashana lo mlingisi ubuye wawususa lo mbhalo. UBabsy uzakhele igama emdlalweni wamahlaya othi Emzini Wezinsizwa owawukhonjiswa kuSABC1. Emkhakheni wokulingisa wangena emdlalweni owawukhuluma ngempilo yeSilo samaZulu uShaka, ngo-1986.
Eminye imidlalo asebonakale kuyo kuleli kubalwa othi Skwizas, 'Sgud 'Snaysi, Ses' Top La neTsha Tsha.