Ezokungcebeleka Osaziwayo

Kugqame osaziwayo kwethulwa amaSava

Charles Khuzwayo|Published

YINGXENYE yezicukuthwane ebezihambele umcimbi wokwethulwa kwamaSouth African Volunteers Awards (Sava) obuseShowe Isithombe: SITHUNYELWE

BEKUSINDWE ngobethole emcimbini wokwethulwa kwamaSouth African Volunteers Awards kubo komsunguli wawo ongasekho, uDkt Bhekisisa Ngcobo, eShowe ngempelasonto.

UMSAKAZI woKhozi FM, uNonhlanhla “Mroza” Buthelezi ekakwe Inkosi Yamagcokama noThokozani Langa emcimbini wamaSava, eShowe Isithombe: SITHUNYELWE

Oyisikhulu salo mqhudelwano wezindondo, uNonhlanhla "Mdonso" Ngcobo, uthe inhlosongqangi ngokubuyisa amaSava ukuhlonipha nokukhumbula umnewabo njengoba adlula emhlabeni ngo-2020.

Uthe umnewabo nguye owaqhamuka nomqondo wokuba kuqhakanjiswe abantu abasebenza ngokuzinikela bengabheke nzuzo, kanjalo nabantu abasebenza ngokuzikhandla emisebenzini abaqashelwe yona.

ABAGQUGQUZELI bamaSava, uNonhlanhla ‘Mdonso’ Ngcobo noFikile ‘Boneni’ Magubane besemcimbini wokwethulwa kwamaSava, eShowe Isithombe: SITHUNYELWE

"Kukhona iphoyisa elibizwa wumphakathi ngisho selishayisile emsebenzini kodwa liye lapho kuvele khona isigameko liyolekelela. Labo bantu badinga ukutuswa besaphila ngamagalelo abo emphakathini ukuze baqhubeke nokuhle abakwenzela umphakathi."

Osemkhakheni wezokuxhumanisa abagqugquzeli bamaSava nemithombo yezindaba, uFikile “Boneni” Magubane, uthe emikhakheni ezovotelwa kulo mqhudelwano, kubalwa owabasakazi beziteshi zomphakathi, iziteshi zomphakathi, abashayeli bamatekisi, irenki yamatekisi, Best Community Builder, Best High School, Best Primary School, Best Social Media Influencer, Best Community Fashion Designer, Best Online Channel (nama-YouTubers), abaculi bakamaskandi, abokholo, abesicathamiya, abombhaqanga nabanye abaningi.

Esephetha, uthe ukuqoka intandokazi yakho kudinga uthumele iSMS ebhalwe ukuthi SAVA, umkhakha awungenele negama laloyo omvotelayo ku-45732 futhi iSMS ibiza uR150.

Lo mcimbi bewuhanjelwe nangabasakazi boKhozi FM, okubalwa kubo umsakazi wohlelo lwasekuseni iVuka Afrika Breakfast Show uMroza Buthelezi, nomethuli wezindaba ezimayelana nezigameko zasemigwaqweni, u-Ayanda Msweli nezinyanga zodumo, uDkt Mabalengwe Ntombela noDkt Mzimbokhalimali Dlamini.

Izithameli zibuye zazitika ngomculo wezinkakha zikamaskandi uThokozani "Somnandi" Langa, Inkosi Yamagcokama noDizastar.

Ukumenyezelwa kwabaqokiwe kulindeleke ukuba kwenziwe ekupheleni kukaMashi bese abadle umhlanganiso bamenyezelwe ngoMeyi, ezindaweni ezisazoqinisekiswa.