UMNDENI wesilomo somculo wokholo u-Israel Mosehla (50), usuveze ukuthi maduzane uzokhipha isitatimende lapho uzochaza kabanzi ngembangela yokudlula kwakhe emhlabeni.
Izolo elakuleli livuke ngezindaba ezishaqise abaningi zokuthi u-Israel usedlulile emhlabeni.
Okuthuse abaningi ukuthi lo mculi bekungakaze kuzwakale ukuthi ubambekile.
Ekhuluma neSolezwe unkosikazi ka-Israel, uMillicent Mosehla ukuqinisekisile ukudlula komyeni wakhe emhlabeni.
“Okwamanje ngisasemhlanganweni ngeke ngize ngande ngamaningi, kukhona esisakuhlanganisa njengomndeni,“ kuchaza uMillicent ngamafuphi.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi, u-Israel uqale ukugula ngoLwesine olwedlule.
Uveze ukuthi akucaci kahle ukuthi yini le ebixine lo mculo aze adlule emhlabeni ngokuzuma okungaka.
“Ngokuzwa kwethu, kuvela ukuthi uyafihlwa ngoLwesithathu lona lolu esiya kulona. Umndeni awufuni ukuphumela obala ngembangela yokudlula kwakhe emhlabeni,“ kuphetha umthombo.
U-Israel ubengagcini nje ngokuba umculi kodwa ubebuye abe umfundisi webandla iHouse Ministries International ebeliseJohannesburg.
Endimeni yomculo ungene ngemuva kokukhulela ekhaya ebelinabazali abebengabaculi baphinde babe ngabefundisi bobabili.
Ngesikhathi sebehlangene njengomndeni bakhipha ama-albhamu amathathu, ngaphansi kwenkampani iGallo ngeminyaka yama-80s.
Ngonyaka ka-1985, u-Israel nomfowabo u-Isaiah Mosehla nabangani babo uBongani Matsobane noJabu Nkabinde, baqala iqembu lomculo wokholo iG Effect.
Leli qembu lomculo wokholo lakhipha ama-albhamu amabili ayephrojuswe uSizwe Zako.
Ngemuva kwalokho, u-Israel wazikhiphela yedwa i-albhamu yakhe ethi Nzulu, neyayibophele izingoma zokudumisa.
Abanye abaculi asebenza nabo engena kulo mkhakha kubalwa uSipho “Big Fish” Makhabane noRingo Mkhari.
Ngo-2007, u-Israel wethula isitebele sakhe somculo iKgabo Music Productions, nakhipha ngaphansi kwaso i-albhamu ethi Endaweni Ephakeme.
Ngomculo wakhe wake wahlonishwa emicimbini yezindondo okukhona kuyo amaCrown Gospel Music Awards.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebezwakalisa ukushaqeka ngokudlula kwakhe emhlabeni, beduduza nomndeni.