Ezokungcebeleka Osaziwayo

Kuchaphazeleke u-DJ Hlo kungcofwa uKhuzani

Bongiwe Zuma|Published

ESINYE sezithombe ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokungcofa u-DJ Hlo noKhuzani Isithombe: X/FACEBOOK/ DJ HLO

EMUVA kwesikhathi eside ekhacwa ngenhlamba uDJ Hlo bekubukeka sengathi abantu bayalidlulisa igqubu lokuthi, wahlukanisa unyaka bengazelele.

Ukuwina kukaKhuzani kulo nyaka kuchaphazeleke nakuye uDJ Hlo njengoba sekunezithombe ezahlukene emataniswa noKhuzani abantu bekhuluma okuhlukene. Kusukela izolo igama lakhe nezithombe zakhe kushintshwana ngazo ezinkundleni zokuxhumana.

ZINGENA zingenile izithombe ezingcofa uKhuzani kusetshenziswa uDJ Hlo Isithombe: X/FACEBOOK / DJ HLO

Lokhu kushaye kwezwela nakuye uDJ Hlo wagcina esephefumula ngakho. "Ngicela sihloniphane," kubhala uDJ Hlo ekhasini lakhe leFacebook.

Iningi lalezi zithombe kufakwe noKhuzani begqoke imisiko efanayo nehambisana nengoma ethi Umjolo Lowo kanjalo nohambisana nengoma kaDJ Hlo ethi Isibani eyahlukanisa unyaka nayo.

Yize esezikhalela uDJ Hlo kodwa abantu balokhu bemngcofile bekhombisa ukungazwelani naye. Kwenzeka lokhu nje uDJ Hlo ubeke waphenduka intandokazi enandisa ngengoma yeGcokama Elisha noLwah ethi Paris.

Abantu kubukeka sengathi bakukhohliwe lokho noma bakuziba ngamabomu ngenhloso yokulwa impi eqondiswe kuKhuzani.

Ngakolunye uhlangothi uKhuzani ubukeka eqhubeka nempilo yize kunokushaya amakhala ngokuwina kwakhe. Lokhu kuqale ukwenzeka ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuthi kuhlukaniswe unyaka.