
Isithandwa sikaSomizi Mhlongo-Motaung, uMohale Motaung-Mhlongo, uziqhathe neziqandu kuTwitter futhi wasolwa ngokungabi nozwelo ngokugabisa ngezimpahla azithengelwe wuSomizi kube kufiwe.
Abantu bacikwe ukubona efaka i-video emveza eqhosha ngendandatho yedayimane ayitholile emuva komngcwabo kaninazala wakhe, uMary Twala.
Indandatho iyisipho asinikezwe wuSomizi ngosuku lwakhe lokuzalwa.
Kwi-video, uMohale ubonakala ephendula isandla ekhombisa ngendandatho enamadayimane angaphezu kwayishumi ngesikhathi kudlala ngemuva ingoma kaToni Braxton ethi Breathe Again.
"Umyeni wami ungithengele indandatho enhle kabi ngosuku lwami lokuzalwa. Ngiyabonga [email protected] Birthday kumina. #25," kubhala uMohale kuTwitter.
My husband bought me the most beautiful diamond ring for my birthday. π₯Ίβ₯οΈ Thank you baby @somizi - HAPPY BIRTHDAY TO ME. #25π pic.twitter.com/IuP9hBGMXG
β Mohale Motaung (@mohale_motaung) July 9, 2020
Yize iningi lifisele lo mlingisi weMTV Shuga usuku oluhle kodwa abanye bathe ukugubha usuku lokuzalwa ngosuku obekufihlwa ngalo uninazala ,akusiyo into elula ukuyenza.
Kodwa abanye bakhwele badilika kuMohale bemsola ngokubukisa ngesikhathi esingafanele futhi bethi bekumele alinde kudlule ukuzila.
UMaTwala ufihlwe izolo emuva kwenkonzo yomngcwabo ebisesontweni iGrace Bible Church eSoweto.
Funda ukuphawula kwabantu ngesenzo sikaMohale:
U could have postponed the the "flaunting " just for today. U just came back from your mother-in laws funeral the list u could do is hide your celebration just for today. We don't do that in African culture, we respect the dead. There's still next year moos pic.twitter.com/Sic07F54iK
β pat_Morudu πΏπ¦ (@masilo_pat) July 9, 2020
As difficult as today was, Happy Birthday πππ
β Linda Moeketsi (@LindaMoeketsi) July 9, 2020
Aren't y'all in mourning? pic.twitter.com/hMSzq1kwzf
β Død Xola (@Xeth_Ola) July 9, 2020
I think , you guys need to keep your personal life private to avoid all this negetive comments.
β SIPHILILE MHLANGA (@siphililemhlan1) July 10, 2020
Order wilder, leave my captain alone pic.twitter.com/ru8PclnV4s
β Afriguru (@afriguru) July 9, 2020
Ain't you supposed to be mourning?
β KgosiM Mfalme (@KgosiMfalme) July 10, 2020