USOMABHIZINISI futhi ongumhlel wemicimbi, uZanele LaMbokazi Nkambule umemezele ukuthi bamatasa nokulungiselela ingqungquthela yokudodisa abafana, iBoys To Men. Enza isimemezelo ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi baphezu kwezinhlelo zawo.
Ingqungquthela izoba sekhasini leFuture Leaders SA kuFacebook ngo-6 ntambama ngoLwesine.
Kuzobe kukhuluma uDJ Tira, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, uMbhishobhi Mpendulo Nkambule nosihlalo wamaFuture Leaders uVictor Sibeko.
UZanele uthe ivuleleke ebafaneni abaneminyaka ephakathi kuka-10 kuya ku-21.
“Abazali abakwazi ukuphuthwa yile ngqungquthela. Obhuti abadala, abafowethu abancane noma omzala kumele bayithamele ingqungquthela yamahhala. Esikudingayo nje ukuthi umthengele i-data, umboleke iselula noma ikhompyutha bese wenza isiqiniseko sokuthi uhleli endaweni ekahle nepeni nephepha ukuze athathe amanothi. Asikwazi ukukhala ngobugebengu, ukuhlukunyezwa kwabesifazane, ukuphela kwenhlonipho, ubuvila, izidakamizwa namaphara bese singenzi lutho.”
Uthe izihloko okuzokhulunywa ngazo zihlanganisa ukhwantalala, inhlonipho, ukuba nentombi, ukuthola abantu ozobukela kubo, ucansi, izidakamizwa, ukubhekana nengcindezi yabangani nezinye.
Uthe yize ingqungquthela imahhala kodwa kubalulekile ukuyibhalisela kumaFuture Leaders SA ukuze izethameli zithunyelelwe olunye ulwazi, izipho, izinto zokuziqeqesha, okomncintiswano nokunye.
Khonamanjalo izinhlelo ngomncintiwano wamaCrown Gospel Awards alo nyaka zizokwenziwa ngesonto elizayo.