ABAHLELA amaKwaZulu-Natal Entertainment Awards bathi banethemba lokuthi imiklomelo yabo izokhuthaza abasafufusa ngokuthi basebenze ngokuzikhandla ukuze nabo bahlonishwe.
Izolo kumenyezelwe abazoncintisana emcimbini wokuqala ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngoDisemba 15.
“Siyabahalalisela abakhethiwe ngenxa yegalelo labo endimeni yezokungcebeleka nokugqamisa isifundazwe. Siyathemba ohamba phambili uzonqoba. Siyaziqhenya ngokuba namaciko nabasendimeni yezokungcebeleka abasezingeni eliphezulu. Uma ubheka uhlu lwabaqokiwe, uyabona ukuthi iKZN ineqhaza elikhulu elilibamba kwezokungcebeleka ezweni nasemhlabeni jikelele,” kusho uSihlalo wemiklomelo uXolani Majozi.
Uthe kuzovunyelwa isibalo esithile sabazothamela umcimbi bukhoma kodwa abanye bazowubona kuMzansi Magic lapho ozosakazwa khona.
UXolani uthe bazohlonipha uDJ Tira, Black Coffee, Ladysmith Black Mambazo noMbongeni Ngema ngendondo yeSpecial Achievement Award.
Kulo mqhudelwano kuqokwe nezintatheli ezimbili zeSolezwe zezokungcebeleka, uFanelesibonge Bengu noCharles Khuzwayo abaqokwe emunxeni weBest Entertainment Writer.
Uthe sekuvuliwe ukuvota futhi abanqobile bazohlomula uR100 000 umuntu ngamunye. Ozothola amavoti amaningi ukubedlula bonke emunxeni weKZN’s Most Loved Star uzothola uR500 000.
Ukuze uvote uthumela iSMS enegama lomunxa negama lomvotelayo ku-48529. ISMS ibiza uR1.50. Ukuvota kuvalwa ngoDisemba 12.
Uhlu lwabaqokiwe lumi kanje:
• RADIO PRESENTER FEMALE
✴ Dudu Khoza (Ukhozi FM)
✴ Nomalanga Shozi (Gagasi)
✴ Stacey Norman (East Coast)
✴ Vannesa Marawa (Vuma FM)
✴ Mroza (Ukhozi FM)
✴ Jacinta Ngobese (Vuma FM)
✴ Minnie Ntuli (East Coast Radio)
RADIO PRESENTER MALE
✴ Tshatha Ngobe (Ukhozi FM)
✴ Sizwe Dhlomo (Kaya FM)
✴ DJ Sphetecular (Metro FM)
✴ Robert Marawa (Metro Fm)
✴ DJ Warras (Gagasi FM)
✴ Bongani Mtolo (R2000)
✴ Bongi Gwala (SAFM)
✴ Darren Maule (East Coast)
✴ Selby Mkhize (Ukhozi FM)
CLUB DJ FEMALE
✴ Sithelo The DJ
✴ DJ Zinhle
✴ DJ Happygal
✴ DJ Cndo
✴ DBN Gogo
✴ Lesoul
CLUB DJ MALE
✴ Dlala Thukzin
✴ DJ Spectecular
✴ DJ Sox
✴ Andy X
✴ DJ Lag
✴ Culoe De Song
✴ DJ Bongs
✴ Sun-El Musician
FEMALE ARTIST
✴ Zandi Khumalo
✴ Kelly Khumalo
✴ Nomcebo Zikode
✴ Zanda Zakuza
✴ Babes Wodumo
✴ Holly Rey
✴Simmy
✴ Cici
✴ Shekinah
MALE ARTIST
✴ Sjava
✴ Khuzani
✴ Mlindo the Vocalist
✴ Nasty C
✴ Tellaman
✴ Zakwe
✴ Big Zulu
✴ Riky Rick
BEST PRODUCER
✴ Mondli Ngcobo
✴ Sun-El Musician
✴ Lindani Gumede
✴ Campmasters
✴ Dj Lag
✴ Sketchy Bongo
MALE ACTOR
✴ Bheki Mkwane
✴ Siyabonga Thwala
✴ Simphiwe Majozi
✴ SK Khoza
✴ Siyabonga Shibe
✴ Thembinkosi Brian Mthembu
✴ Sandile Dlamini
✴ Ntobeko Sishi
FEMALE ACTRESS
✴ Pearl Thusi
✴ Thuso Mbedu
✴ Nomzamo Mbatha
✴ Leleti Khumalo
✴ Thandeka Dawn-King
✴ Ayanda Borotho
✴ Thembi Mtshali-Jones
✴ Gugu Gumede
FEMALE TV PRESENTER
✴ Pearl Thusi
✴ Minnie Dlamini-Jones
✴ Nandi Madida
✴ Nomalanga Shozi
✴ Carishma Basday
✴ Anele Zondo
✴ Ayanda Thabethe
MALE TV PRESENTER
✴ Andile Ncube
✴ Robert Marawa
✴ Shahan Ramkissoon
✴ Sizwe Dlomo
✴ Zulu Mkhathini
BEST COMEDIAN
✴ Sifiso Nene
✴ Siyanda Maphumulo
✴ Carvin Goldstone
✴ Celeste Ntuli
✴ Felix Hlophe
✴ Thenjiwe Maphumulo
✴ Sithelo The Dj
✴ TNS
KZN’S MOST LOVED
✴ Tira
✴ Black Coffee
✴ Sjava
✴ Pearl Thusi
✴ Khuzani
✴ Nomzamo Mbatha
✴ Minnie Dlamini-Jones
✴ Nasty C
✴ Robert Marawa
✴ Somizi
✴ Riky Rick
EVENT OF THE YEAR
✴ Fact Dbn Rocks
✴ Ink Kasi
✴ Dbn Jazz Festival
✴ Impucuzeko
✴ Last Dance
✴ Rage
✴ Splashy Fan
✴ Durban Spring Break
✴ Gagasi Beach Fest
✴ Ivyson Tour
BEST MUSIC PROMOTER
✴ Kgolo Da Guru
✴ Junior Lavie
✴ Dj Tira
✴ Dogg Durban
✴ Mjay Zama
✴ Xolani Mcineka
✴ Wiseman Mnguni
RADIO STATION OF THE YEAR
✴ Ukhozi Fm
✴ Vuma Fm
✴ Gagasi Fm
✴ East Coast Radio
SPECIAL ACHIEVEMENT AWARD
✴ Dj Tira
✴ Black Coffee
✴ Ladysmith Black Mabazo
✴ Mbongeni Ngema
KZN’S COOLEST HANG SPOT
✴ Max’s Lifestyle
✴ Views on 25
✴ Mojos
✴ Eyadini
✴ Scrapyard
✴ Nembulas place
✴ Gagasini
✴ Ten11
✴ Artizen Lounge
KZN’S MOST LOVED COUSIN
✴ AKA
✴ Casper Nyovest
✴ Bonang Matheba
✴ Boity Thulo
✴ Kwesta
✴ Dj Maphorisa
✴ Itumeleng Khune
ENTERTAINMENT WRITER
✴ Jabulani Langa (Daily Sun)
✴ Fanelesibonge Bengu (Isolezwe)
✴ Charles Khuzwayo (Isolezwe)
✴ Ntombi Makhoba (City Press)
✴ Sandile Makhoba (Ilanga)
✴ Lucky Cain (Ilanga)
• BEST MASKANDI
✴ Khuzani
✴ Igcokama elisha
✴ Ntencane
✴ Inganezoma
✴ Shwi Nomtekhala
✴ Qadasi noMaqhinga
✴ Imfezi Emnyama
✴ Bahubhe
✴ Sgwebo Sentambo
✴ Thokozani Langa
✴ Imithente
BEST TELENOVELA
✴ Imbewu
✴ Uzalo
✴ Durban Gen
✴ IHostela