UMCULI we-Afro Pop wakuleli, uKelly Khumalo, usephumele obala waphawula ngezinsolo zokuthi uyazi ukuthi ngubani owabulala uyise wengane yakhe owayeyisitobha seBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.
UKelly ubhoboke ngalokhu ngesikhathi enenkulumo ekhethekile nesiteshi sezindaba i-eNCA ngoLwesibili ekuseni. UKelly uthe abantu bakuleli bafuna atholwe enecala ekubulaweni kukaSenzo.
"Abantu bafuna ngitholwe nginecala. Sengikhulume kaningi ngodaba lukaSenzo Meyiwa kodwa abantu basafuna ngitholwe nginecala. Ngizozivikelelani? Abakholwe yilokho abathanda ukukholwa yikho," kusho uKelly.
Inkulumo kaKelly ilandela udaba olushicilelwe yiphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Independent, neSolezwe ngeSonto obeluveza itulo lokufihla ukuthi ngubani owabulala uSenzo. Kulolu daba kuvela ukuthi uSenzo wadutshulwa ngumuntu owayengaphakathi endlini ngesikhathi ezama ukuhlukanisa udadewabo kaKelly, uZandi nesoka lakhe uLongwe Twala ngesikhathi bexabana.
FUNDA: Sekuvele okusha ngokubulawa kukaSenzo Meyiwa
UKelly usole leliphephandaba ngokusenga ezimithiyo ngalolu daba.
"Leli phephandaba lase-Independent likwenza kanjani ukuthi lishicilele udaba olungamanga? Engizonitshela kona ukuthi ngelinye ilanga niyohlangabezana nembibizane. Mina noNkulunkulu siyalazi iqiniso," kusho yena.
UKelly uthe akasoze wavikela umuntu obulale uyise wendodakazi yakhe.
"Engingasoze ngakwenza ukuvikela umbulali woyise wendodakazi yami. Bangakholwa noma yini abayithandayo kodwa ekugcineni uNkulunkulu akehlulwa yilutho," kuphetha uKelly.
Esiqephini sakamuva sohlelo oludlala kuSABC 1, iReal Gobhoza, ngoMgqibelo uKelly uthe okubuhlungu kunakho konke asebhekane nakho empilweni ukubizwa ngombulali ngokubulawa kowayeyisingqandamathe sakhe uSenzo.
“Kubuhlungu ngoba angiyena umbululali. Ngingaba yizinto eziningi kodwa angiyena umbulali,” kusho lo mculi.