SEBETHELELENE amanzi uphrojusa womculo uTNS noPrince Kaybee abese beyinkukhu nempaka bebanga ukuxhaphazana besasebenza ndawonye.
Ukuxolelana kwabo kuvele engxoxweni ekhethekile yeSolezwe ngeSonto noPrince Kaybee ngeledlule. Uveze ukuthi kuqale yena uTNS omthumele imiyalezo ecela ukuthi baxolelane. Naye walwemukela uxolo lwakhe.
Kuthintwa uTNS uvumile ukuthi sebexolelene noPrince Kaybee.
“Ngibonile ukuthi ukungazwani ngeke kusiyise ndawo. Engikuqaphelile wukuthi abantu abangezwani ngabamnyama kuphela kodwa ezinye izinhlanga zibumbene.
“Le nto yokungazwani kwethu ize ingene nasebuhlangeni ngoba njengoba kunokubukelana phansi kwezinhlanga ezehlukene, yinto engafanele.
“Kumele sibe njengezinye izizwe, sizwane ukuze sidumaze izitha. Kukhona abantu abajatshuliswa wukungazwani kwabantu, okuyinto engeke ibayise phambili,” kusho uTNS.
Uthe noma engeke adalule yonke imininingwane ngendlela abaxoxe ngayo noPrince kodwa nguyena oqale ngokucela uxolo kuye.
Uthi ubonile ukuthi uma elokhu ebambe amagqubu uzokwakha isithombe esingesihle kubantu ababukela kubona, okuzokwenza ukuthi nabanye benze okufanayo ngelinye ilanga ekubeni kakuyona into enhle.
Uthe ngisho nezingane zabo zizokhula kabuhlungu, zazi ukuthi kabazwani.
UTNS usanda kukhipha ingoma ethi: Umona, apike kuyona uMpumi. Uthe le ngoma yenza kahle kakhulu futhi ikwaze ukufika ezingeni abefisa kulona esikhathini esifishane iphumile.
Uveze ukuthi indlela amukelwe ngayo KwaZulu-Natal, iyamjabulisa futhi iTheku limamukele kahle naye uzolijabulisa ngomculo wakhe.