KUPHENDUKE amatafula abantu bezitika ngomdwebi wakuleli uLebani “Rasta” Sirenji osewazakhela udumo ngokudweba osaziwayo.
Lo mdwebi muva nje usanda kuba sematheni equnga isibindi edweba Isilo Samabandla kumdwebo awethula kumabutho kwaKhethomthandayo, KwaNongoma ngemuva kokutshalwa kwaso ngenyanga edlule.
Okwathusa abaningi ngemidwebo kaRasta ukuthi wayeyishaye kahle ekubeni udume ngestayela esibuye siphume eceleni singafani ncimishi nomuntu asuke emdweba.
Kuleli sonto uRasta uzithole eshaywa ngezinduku zakhe kusatshwalaliswa umdwebo wakhe oshiye abaningi befa insini. Lo mdwebo ususabalele ezinkundleni zokuxhumana kodwa akwaziwa ukuthi udwetshwe ngubani.
Abantu abaningi ezinkundleni bathi ibambe ngakho kwiLasta njengoba lisanda kushaya omunye umdwebo ongagculisanga kaNoxolo Groootboom, osanda kushiya kwaSABC kwesokwethula izindaba.