ABAMELI bomculi waseMelika, u-R Kelly ogcinwe esitokisini esise-Illinois, bafuna adedelwe emva kokuhlaselwa ngesinye isiboshwa.
Ummeli wakhe uDoug Anton, utshele iCNN ukuthi baziswe ngabanye abameli bakhe abasemahhovisi ase-US, ukuthi lo mculi ubelele embhedeni wakhe ejele ngoLwesibili eChicago Metropolitan Correctional Center, ngesikhathi ehlaselwa. Uthe uKelly uhlaselwe esinye isiboshwa esiye embhedeni wakhe safike samshaya.
Ngokusho kuka-Anton kuze kwangenelela onogada basejele belamulela uR Kelly. Uthe akalimalanga futhi akukho okukhombisa lapho elimele khona.
Omunye ummeli kaKelly, uSteve Greenberg, uthe bathole imibono eshayisanayo ngokulimala kukaKelly njengoba bengabikelwanga abaphathi bejele naye uKelly uqobo ngokuhlaselwa kwakhe.
- CNN