UMPHAKATHI waseMthwalume awuwuvali umlomo ngesenzo somlingisi woZalo, uSimphiwe Majozi nomnewabo, oyimenenja yeLadysmith Black Mambazo uXolani Majozi, emindenini yabesifazane ababulawe ngumalugaju kule ndawo.
Lezi zelamani ezidabuka khona eMthwalume zinikelele ngezijumbane zokudla ngeSonto, emindenini yoNksz Zama Chiliza, Akhona Gumede, Nosipho Gumede noNelisiwe Dube, okunezinsolo zokuthi babulawa ngumalugaju.
USamukelisiwe Makhathini ubonge wanconcoza kuXolani noSimphiwe, olingisa indawo kaSbu kulo mdlalo osakazwa kuSABC1 phakathi nezinsuku.
“Sihambile sayoyibona imindeni neMeya yaseMzumbe, umama Londolo Zungu, sizama nokuyesula izinyembezi kulesi sikhathi esinzima. Sithi nje uMdali sengathi angaqhubeka nokuba nabo futhi iNkosi iqhubeke nokubabusisa ngokuhle kodwa,” kusho uSamukelisiwe.
USimphiwe uthe kumphathe kabi kakhulu ngesikhathi ezwa ngalesi sigameko endaweni adabuka kuyo, wabe esebona kungcono ukuba naye aphonse itshe esivivaneni.
“Kusithintile ukuzwa ngesehlo esenzekile emphakathini, ikakhulukazi emndenini. Sishiye konke esikwenzayo sazotshengisa ukuneseka njengomndeni ukuthi ningalahlekelwa yithemba, sikhona singamalungu omphakathi. Sonke kusiphathe kabi esikuzwayo. Kubuhlungu kakhulu kodwa siyethemba ukuthi umndeni uzoqina, uqhubeke ubambisane. Akukho okungedluli, konke kuyedlula. Akukhalwa njalo,” kusho uSimphiwe.
UXolani uthe le mindeni elahlekelwe uyazana nayo futhi kunamanye amalungu ayo ayekhula nawo.
“Sicela nazi ukuthi ubuhlungu enibuzwayo nathi siyabuzwa,” kuphetha uXolani.