SESIPHENDUKE undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana isithombe sikasaziwayo wesifazane esiveza inkomo enetattoo. UKhanyi Mbau ufake lesi sithombe ekhasini lakhe likaFacebook naku-Instagram egqoke ibodysuit emnyama esamswesana ngaphansi nokwenza itattoo esenkomeni ihlale obala kwazise uyakhanya nangebala.
Le tattoo seyithathe abantu abaningi besilisa njengoba bebodwa abafisa ukwazi ukuthi ngabe uyenzephi. Iningi labesilisa lize lakuveza nokuthi lifisa engabe yilona ebelidweba uKhanyi.
UKhanyi akazange azikhakhathaze ngokulokhu echaza izinto eningi kodwa lesi sithombe silokhu sijikeleza emakhasini ahlukene ezinkundleni zokuxhumana. Khonamanjalo kukhona ebebekhala ngamabele akhe ebebukeka eme mpo futhi egcotshwe abenyezela. Lamabele asuse umsindo babodwa abathi ngawokufakelwa ngenxa yokucija kwawo.
Yize kunjalo abesifazane abaningi bebekhombisa ukudumala ngalesi sithombe kodwa abantu besilisa balokhu bechazeke njalo bencoma konke namabele ngendlela efanayo netattoo.
Kukhona nabanye besilisa ebebeveza ukuthi uKhanyi wenze umsebenzi omkhulu ngokufaka lesi sithombe ngoba sesimelaphe ukhwantalala njengoba kulezi zinsuku kunengcindezi.